Akukho okuhlanganayo ngoMaluleka owalaxaza iChiefs
Umdlali wakudala wasesiswini weKaizer Chiefs, uGeorge Maluleka, udonsa kanzima ukuthola iqembu elisha kulandela ukushiya kuMaZulu FC muva nje.
IKaizer Chiefs yathembisa lo mdlali oneminyaka engu-35 ubudala ukwelula inkontileka yeminyaka emibili kanye nonyaka owodwa wokuvuselela inkontileka yakhe eyaphela ngo2020, kodwa wakuchitha.
Ngemuva kwezingxoxo eziwuchungechunge, lo mdlali wadalula kwiKilabhu ukuthi usayine inkontileka yokuqala neMamelodi Sundowns ngo-2020. Okuphawulekile ukuthi iMamelodi Sundowns ayizange iyazise iChiefs ngokuthembisana kwayo noGeorge Maluleka njengokusho kwesivumelwano.
UMaluleka ujoyine iKaizer Chiefs ngoJanuwari 2014 washiya Amakhosi ngo-2020. Ngesizini yakhe yokugcina eNaturena udlale imidlalo engu-19 yeligi ngaphansi komqeqeshi u-Enrst Middendorp kanti waba nama-assist amane engazange ashaye ngisho nelilodwa igoli.
Unqume ukujoyina iMamelodi Sundowns FC ngo-2020 lapho eqale khona ukudlala ngesizini ka-2020/21. Udlale imidlalo yeligi engu-11 futhi waba ne-assist eyodwa kuphela.
Ngesizini ka-2021/22 lo mdlali akazange athole isikhathi esanele somdlalo selokhu umqeqeshi uPitso Mosimane eshiye iqembu wajoyina i-Al Ahly SC yase-Egypt. UMaluleka unqume ukushiya iMamelodi Sundowns FC ngesizini ka-2022/23. Ujoyine AmaZulu FC KwaZulu-Natal.
Khonamanjalo, ‘uSjijo’ ushiye kuMaZulu FC muva nje. Leli qembu linqume ukuhlukana nalo mdlali kanti ubengekho kwizinhlelo zomqeqeshi walo kule sizini.
“Akhona amaqemnbu ambalwa esikhuluma nawo kodwa akukho okuhlanganayo okwamanje,” kusho uSean Roberts oyi-ejenti kaMaluleka etshela Isolezwe.
“Amaqembu esixoxa nawo awePremiership naweMotsepe Foundation Championship. Sinalo ithemba lokuthi ezinsukwini eziyishumi, kukhona okuzohlangana. UMaluleka usafuna ukudlala futhi akakalilahli ithemba mayelana nokuthola iqembu.”
Lo mdlali udlale amasizini amabili kuMaZulu FC. Ngesizini yakhe yokuqala udlale imidlalo engu-26 yeligi wangashaya ngisho nelilodwa igoli. Ngesizini edlule udlale imidlalo engu-15 yeligi wangaphinde washaya amagoli.

