IStellies sizodayisa uTitus emaqenjini aphesheya kuphela
IStellenbosch FC sizoba nentshisekelo yokudayisa umdlali waso osemncane onekhono uDevin Titus eqenjini elivela phesheya kuphela.
Lo mdlali oneminyaka engu-23 ubudala udlale okokuqala eqenjini lakhe libhekene neBlack Leopards FC ngesizini ka-2020/21 eneminyaka engu-19. Wadlala umdlalo owodwa kuphela kuleyo sizini futhi wenza igama lakhe kwiDStv Diski Challenge kwiStellies.
Lo mdlali uqale ukuba ngumdlali ojwayelekile kwiStellies ngesizini ka-2022/23 kwiDStv Premiership. UTitus uyidlale yonke imidlalo yeligi washaya amagoli ayisithupha nama ‘assist’ amabili ngesizini ka-2022/23.
Ngesizini edlule ube nesizini enhle kakhulu neStellies. Lo mdlali osemncane usize iStellies ukuthi siwine indebe yayo yokuqala [Carling Knockout Cup] futhi baqeda kuTop 3 okweze ukuthi bayodlala kwiCAF Confederation Cup okokuqala emlandweni wabo ngesizini ezayo.
KwiCarling Knockout Cup ushaye amagoli amabili emidlalweni emine waphinde wawina nomklomelo womdlali ovelele weCarling Knockout Cup. Uqokwe nozakwabo u-Iqraam Rayners noThabo Moloisane.
Lo mdlali osemncane uphinde waqokwa kweminye imikhakha emibili ngesizini edlule njengoba ebenesizini enhle. Uqokwe emklomelweni womdlali wasesiswini ovelele kwiDStv Premiership waphinde waqokwa njengomdlali ovelele othembisayo kumqhudelwano weNedbank Cup.
Udlale imidlalo engu-29 yeligi washaya amagoli ayisikhombisa kwiDStv Premiership ngesizini edlule. Lo mdlali uphinde wagqama kwiNedbank Cup njengoba eshaye amagoli amathathu emidlalweni emine.
Khonamanjalo, lo mdlali usenenkontileka yonyaka neStellies kodwa iqembu lizomdayisa e-Europe kuphela. Lo mdlali osemncane ukujabulele ukuba kwiStellenbosch FC.
“UDevin usanda kuthola inkontileka entsha kuze kube umhla zingama-30 kuJuni 2026 futhi ube nesizini emnandi ngonyaka odlule,” kusho i-ejenti yakhe uGlyn Binkin etshela i-Ezemidlalo2002.
“Ujabule kwiStellenbosch kodwa uma ithuba elikahle livela sizobe sesisebenzisana neStellenbosch. Sizosebenzisana nesicelo saphesheya kuphela.”
UTitus uzoba ngumdlali obaluleke kakhulu kwiStellies ngesizini ezayo kwazise uzoletha isipiliyoni esiningi asithole kwiBafana Bafana muva nje. Ubeyingxenye yeqembu leBafana Bafana ebelibambe iqhaza kwiCOSAFA Cup nonyaka.
IStellies sesisayinise abadlali ababili ukuqinisa isikwati sabo njengoba bezodlala emiqhudelwaneni emihlanu ngesizini ezayo. Sebesayinise uSanele Barns kwiRichards Bay FC noLehlohonolo Mojela obekwiTS Galaxy FC.

