UCijimpi uhlabeke umxhwele ngoMothwa
UMQEQESHI waMaZulu FC, uPablo Franco “Cijimpi” Martin, uthi uhlabeke umxhwele ngokaputeni nonozinti waMaZulu FC, uVeli Mothwa.
UMothwa usedlale imidlalo engu-21 kule sizini kuDStv kanti akazange adedele lutho emidlalweni eyisishiyagalolunye. Kodwa uMothwa ungenelwe amagoli angu-18 kweminye imidlalo engu-12 yeligi kule sizini.
Lo nozinti onesipiliyoni ubekwi-AFCON 2023 neBafana Bafana kulo nyaka ngoJanuwari e-Ivory Coast. UMothwa neBafana Bafana bakwazile ukuba yiqembu lesithathu ku-Afcon kulo nyaka.
AmaZulu FC adlale imidlalo engu-28 yeligi kule sizini kodwa eminye eyisikhombisa (7) yadlalwa ngu-Olwethu Mzimela njengoba uMothwa edlale imidlalo engu-21.
“Ngicabanga ukuthi kuyiqiniso ukuthi (uMothwa) wenze kahle kakhulu ngesiwombe sokuqala sesizini. Sisanda kunikeza uMzimela ithuba, kodwa uVeli usebuyile wenza kahle futhi nomqhudelwano muhle,” kusho uMartin.
UVeli Mothwa uwine umklomelo weMan of the Match ngesikhathi bebambana ngo 1-1 neKaizer Chiefs FC ngeSonto kusihlwa eMoses Mabhida Stadium. UMothwa wenze okuncomekayo kulo mdlalo.
AmaZulu FC asezovakashela iSekhukhune United FC emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo ePeter Mokaba Stadium. Lo mdlalo uzoqala ngo-15:00 ngqo

