UDlamini ukhuluma ngokunqoba kwabo ngo 2-0 bedlala neSevilla
Umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates, uKabelo Dlamini, ukhuluma ngokunqoba kwabo ngo 2-0 bedlala nezinkunzi zaseSpain, iSevilla FC.
Izinkunzi zaseSoweto i-Orlando Pirates FC ziqale imidlalo yazo yokulungiselela isizini ezayo nePlaymouth Argyle FC ngoLwesihlanu ngesonto eledlule eSpain. AmaBhakabhaka adlale ngokulingana ngo 2-2 kulowo mdlalo.
NgoMsombuluko kuleli sonto kusihlwa AmaBhakabhaka adlale umdlalo wesibili nezinkunzi zaseSpain, iSevilla FC. Ngenhlanhla i-Orlando Pirates FC yanqoba ngo 2-0 kanti amagoli ayo ashaywe nguTimm noDlamini.
Igoli lokuqala lingene ngesiwombe sokuqala laze lasizwa ngumdlali wabo osemncane uRelebohile Mofokeng. UKabelo Dlamini ushaye igoli lesibili ngesiwombe sesibili esizwa ngumdlali wabo omusha uMoleleki.
UDlamini uveze ngemuva komdlalo ukuthi ujabulile ngokunqoba kwabo nangokushaya igoli ukuze iqembu lakhe liphumelele.
“Bekuwumdlalo onzima kodwa ngiyajabula ukuthi sikwazile ukuphusha namajita,” usho kanje.
“Kimina bekuwumdlalo wami wokuqala ngaphambi kwesizini futhi ngijabule ukuthi ngikwazile ukuthola igoli. Ngesikhathi sidlala neSevilla ngijabule ngokuthi sikwazile ukungangenelwa igoli futhi ngiyethemba ukuthi sizoya eNingizimu Afrika sifike siphushe.”
AmaBhakabhaka asezobhekana nezinye izinkunzi zaseSpain iGranada CF. Lo mdlalo uhlelelwe uLwesithathu wakusasa eBonus Football Centre eSpain.

