Umdlali omqoka waMakhosi ngeke abe khona emdlalweni wanamuhla
IKaizer Chiefs FC izobe ingenaye umdlali wayo omqoka namuhla uma isibhekene neMarumo Gallants FC emdlalweni weBetway Premiership ntambama eToyota Stadium.
Amakhosi azodlala umdlalo wawo wokuqala namuhla ngaphansi komqeqeshi wawo omusha uNasreddine Nabi. Lo mqeqeshi ubeqeqesha izinkunzi zaseMorocco i-AS FAR Rabat ngesizini edlule kwiBotola Pro 1 lapho eqede khona endaweni yesibili.
Ngakolunye uhlangothi Amakhosi aqashe abaqeqeshi ababili ngesizini edlule. Iligi bayiqale nomqeqeshi uMolefi Ntseki kodwa banquma ukuhlukana naye baqasha owayeyiphini lomqeqeshi we-Al Ahly SC, uCavin Johnson.
Khonamanjalo, umdlali wasemuva waMakhosi, uThatayaone Ditlhokwe, uzophuthelwa umdlalo wanamuhla neMarumo Gallants FC. Lo mdlali wasemuva waseBotswana uthole Ikhadi lakhe eliphuzi [Yellow Card] lesine kule sizini edlule emdlalweni wabo wokugcina bebhekene neCape Town Spurs FC.
Lo mdlali uthole amakhadi amathathu aphuzi kwiDStv Premiership waphinde wathola nelilodwa kwiCarling Knockout Cup okumenze wathola amakhadi aphuzi amane kuyena.
Udlale okungenani imidlalo engu-17 yeligi kwiDStv Premiership ngesizini edlule.
Lo mdlali uzophuthelwa wumdlalo wanamuhla kuphela. Emdlalweni wabo olandelayo mhla zingama-25 kuyonale inyanga lo mdlali uzobe ekhona. Amakhosi azobe edlala neqembu elizinze KwaZulu-Natal, AmaZulu FC eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Omunye umdlali ozophuthwa emdlalweni wanamuhla nguNjabulo Blom. Umqeqeshi uNasreddine Nabi ukuqinisekisile ukuthi lo mdlali akakabi sesimweni esihle njengoba efike ngokuhamba kwesikhathi eqenjini.

