Ibhola

UNabi uthi akanawo umlingo wokubeka iChiefs lapho yayikhona phambilini

Umqeqeshi weKaizer Chiefs FC, uNasreddine Nabi, uthi akanawo umlingo wokubuyisela Amakhosi ezinsukwini zawo zodumo kodwa uzokwenza konke okusemandleni ukujabulisa abalandeli beqembu.

IKaizer Chiefs FC idonsa kanzima kusukela ngo-2015 ngemuva kokushiya komqeqeshi uStuart Baxter. Bagcina ukunqoba indebe ngesizini ka-2014/15 ngaphansi kukaStuart Baxter.

Baqashe abaqeqeshi abaningi eqenjini kodwa bonke abaqeqeshi bahlulekile wukwenza umsebenzi omuhle eNaturena. Umqeqeshi u-Ernst Middendorp uyena kuphela ocishe wanqoba okungenani izindebe ezimbili ngesikhathi eshaywa yiTS Galaxy FC kowamanqamu weNedbank Cup waphinde waqeda endaweni yesibili kwiligi.

Ngesizini edlule bebenabaqeqeshi ababili. UMolefi Ntseki uqale isizini kodwa banquma ukuhlukana naye baqasha umqeqeshi uCavin Johnson.

Amakhosi ahlulekile ukuqeda kwi-top 8 ngesizini edlule kwiligi. Baqede endaweni yeshumi bahluleka nokuwina ngisho indebe eyodwa.

Khonamanjalo, le kilabhu inomqeqeshi omusha manje uNasreddine Nabi obekwi-AS FAR Rabat yaseMorocco. Lo mqeqeshi udalule inhloso yakhe enkulu kuleli qembu njengoba esengumqeqeshi waMakhosi.

“Anginawo umlingo wokubeka iKaizer Chiefs lapho ibikhona phambilini, kodwa engizokwenza kule sizini wukwenza konke okusemandleni ukukhuphula iKaizer Chiefs lapho ibikhona,” kusho uNabi ngesikhathi kwethulwa iBetway Premiership ngoLwesibili.

“Bonke abaqeqeshi abahlezi lapha abajabule ngokubona iKaizer Chiefs lapho ikhona, kodwa futhi ngeke ngithembise [impumelelo] ngokushesha, kodwa ngizokwenza konke okusemandleni ami kule sizini.

“Inhloso yami lapha wukubuyisela iKaizer Chiefs lapho yayikhona futhi ilethe ulibofuzo eyayinalo phambilini futhi kubangele inkinga enkulu kubo bonke abaqeqeshi abakhona, njengeSundowns ekade iwina.”

Amakhosi azoqala isizini ka-2024/25 ngesonto elizayo ekuhambeni. Bazobe bedlala umdlalo weBetway Premiership neMarumo Gallants FC eToyota Stadium, eBloemfontein ngomhla we-14 ntambama.

UNabi neKaizer Chiefs FC bazodlala emiqhudelwaneni emithathu kule sizini ngenhloso yokuwina umqhudelwano owodwa noma yonke. Bazobe bedlala kwiBetway Premiership, Nedbank Cup neCarling Knockout Cup.

Le kilabhu iphinde yamemezela abadlali ababili abamqoka namuhla. Basayinise uBradley Cross ophuma kwiLamontville Golden Arrows FC noNjabulo Blom abamboleke kwiSt. Louise City FC edlala kwiMajor League Soccer e-USA.