UVicky Mkhawana weChiefs uthi bafuna ukuthatha i-Engen
Umdlali osemncane weKaizer Chiefs FC [18] uVicky Mkhawana uthi bafuna ukuthatha i-Engen Knockout Challenge yalo nyaka ngoba behlulekile wukuyithatha ngonyaka odlule.
Emqhudelwaneni walo nyaka Amakhosi abehlangene neJomo Cosmos FC, Randburg AFC neTransition Football Academy kumaGroup Stages. Amakhosi awahlule womathathu la maqembu.
Inqobe ngo 2-0 ibhekene neJomo Cosmos FC nango 3-1 ibhekene neRandburg AFC ngoLwesihlanu. NgoMgqibelo baphinde badlala imidlalo emibili. Badlale umdlalo wokugcina kumaGroup Stages bebhekene neTransition Football Academy banqoba ngo 3-0.
KumaQuarterfinal badlale ne-University of Pretoria FC. Amakhosi anqobe ngo 3-0 kulowo mdlalo. UVicky Mkhawana ube nengxoxo ekhethekile ne-Ezemidlalo2002 ngemuva kwalowo mdlalo waveza ukuthi ujabulile ngokunqoba lowo mdlalo futhi bafuna ukuwunqoba lo mqhudelwano.
“Umdlalo ubumuhle, sidlale kahle kakhulu sanqoba ngo 3-0. Bekungelula kodwa sikwazile ukunqoba,” kusho uMkhawana.
“Siwulungiselele kahle lo mdlalo, umqeqeshi wasitshela ukuthi kumele sishaye amagoli kusenesikhathi sakwenza lokho, ngijabule ngamagoli amathathu nokunqoba, sizophusha kowandulela owamanqamu bese sishaya amagoli siwine.
“Sifuna ukuwuthatha lo mqhudelwano ngoba ngonyaka odlule sehlulekile ukuwunqoba. Kulo nyaka sifuna ukuwuthatha njengaMakhosi. Kubalandeli bethu sicela baqhubeke nokuseseka sizowunqoba.”
Amakhosi asezophinde abhekane neRandburg AFC namuhla kowandulela owamanqamu kulo mqhudelwano. Lo mdlalo uhlelelwe u-09:30 eMarks Park Sport Club eWits University.
Ozonqoba phakathi kwala maqembu womabili uzobhekana nowinile phakathi kweMamelodi Sundowns FC neKathorus Hyper Academy kowamanqamu. IMamelodi Sundowns FC iyona evikela isicoco njengoba inqobe lo mqhudelwano ngonyaka odlule kwathi Amakhosi awunqoba ngo-2022.

