ISundowns Ikulungele Ukubhekana neSekhukhune
Ukaputeni weMamelodi Sundowns ophinde abe ngunozinti, uDennis Onyango uthi amalungiselelo abo omdlalo neSekhukhune United ahambe kahle futhi bawulungele umdlalo.
AmaBrazilians azokwamukela iBabina Noko eLucas Moripe Stadium kwi-quarterfinal yeNedbank Cup ngoLwesihlanu kusihlwa [19:00].
Lo mdlalo bekumele udlale ekuqaleni kwale nyanga kodwa wahlehliswa njengoba iBantwana [iqembu lesizwe lebhola lezinyawo labesifazane baseNingizimu Afrika abaneminyaka engaphansi kwe-17] belizobhekana neNigeria enkundleni efanayo.
Ekhuluma ngaphambi komdlalo, u-Onyango uveze ukuthi amaBrazilians awulungele lo mdlalo yize abanye abadlali bawo bebeseqenjini lesizwe futhi abasitholanga isikhathi esanele sokuziqeqesha neSundowns.
“Amalungiselelo okuya kwiNedbank Cup ahambe kahle,” kusho u-Onyango.
“Impela besingathanda ukudlala emasontweni ambalwa edlule, umdlalo uhlehlisiwe futhi besisekhempini, uyazi ukuthi kunjani uma ulungiselela umdlalo.
“Kodwa siwubheke ngabomvu lo mdlalo yize abanye abafana bebeseqenjini lesizwe; bazojoyina izinsukwana nje kodwa akukho esingakwenza, kumele sidlale ngoba sinemidlalo eminingi okumele siyidlale kwiligi kanye nakwiChampions League.
“Abafana babheke phambili, wonke umuntu onikwe ithuba kumele enze konke okusemandleni akhe ngoba sikhona sonke ukuzodlala. Kimina ngicabanga ukuthi lo mdlalo uzosinika omunye umdlalo ngaphambi kokuthi sidlale iChampions League ne-Espérance ngoLwesibili.
“Kodwa kuze kube manje kuhle kakhulu, sikubheke ngabomvu.”
Khonamanjalo, lo mdlali oneminyaka engu-39 ubudala wengeze ngokuthi lo mdlalo wumdlalo obalulekile kumaBrazilians futhi ucela bonke abalandeli beSundowns ukuthi beze ngobuningi babo ukuzokweseka iqembu.
“Kunjalo kubalandeli bethu abathembekile, abalandeli beMamelodi Sundowns kumele beze ngobuningi babo ngoLwesihlanu ebusuku bazokweseka abafana ngoba sidinga ukungena yonke indawo kwiNedbank Cup futhi sikhulise umfutho obheke emdlalweni wethu weChampions League mhla lulunye,” kwengeza lowo owayengunozinti weBidvest Wits.
“Ngakho-ke, uLwesihlanu ngomunye wemidlalo esiyidingayo ngakho kumele beze ngobuningi babo ukuzokweseka abafana bagcwalise iLucas Moripe Stadium bayipende ibe phuzi ngoba sinesifiso sokunqoba iNedbank Cup, Champions League kanye nemidlalo yeligi.”
Ozonqoba phakathi kweSundowns noSekhukhune uzobhekana neKaizer Chiefs kowandulela owamanqamu weNedbank Cup. Amakhosi ahlule iStellenbosch ukuze azibekisele indawo kwi-semi final yalo mqhudelwano.

