OweNatal Rich Boyz uphika eyokushela uRulani Mokwena
Usihlalo weRichards Bay FC, uJomo Biyela, uthi akakaze anikeze uRulani Mokwena inkontileka yokuba ngumqeqeshi weRichards Bay FC.
URulani Mokwena uhlukane neMamelodi Sundowns FC ekupheleni kwesizini edlule. Uwine iDStv Premiership kanye ne-African Football League namaBrazilians ngesizini edlule.
Lo mqeqeshi ulahlekelwe yiCAF Champions League, Carling Knockout Cup, MTN8 Cup neNedbank Cup. KwiNedbank Cup neMTN8 Cup wehlulwe kowamanqamu ebhekene nezinkunzi zaseSoweto i-Orlando Pirates FC.
Khonamanjalo, lo mqeqeshi useseMorocco eqeqesha iWydad Athletic Club. Ngesonto lakhe lokuqala neqembu lakhe elisha uveze ukuthi iRichards Bay FC ibifuna ukumsayinisa kodwa wenqaba ukusayina neqembu.
Manje uJomo Biyela ongusihlalo wale kilabhu uthi akakaze amnike inkontileka uRulani Mokwena. UBiyela ubekhuluma kwiSNAWA izolo ebusuku.
“Angikaze ngimnike inkontileka umqeqeshi uRulani. Okhulume noRulani akathunyelwanga yimi,” kusho uJomo Biyela.
“Benginenkontileka nomqeqeshi uKanu [Vusumuzi Vilakazi] pho kungani bengizonika umqeqeshi uRulani inkontileka?”
Njengamanje iRichards Bay FC ayinaye umqeqeshi oyinhloko. Le kilabhu ihlukane nomqeqeshi uVusumuzi Vilakazi kuleli sonto kanti [uVilakazi] naye okwamanje akanalo iqembu.
INatal Rich Boyz isayinise abadlali abafana noSiyethemba Sithebe obekwiKaizer Chiefs FC, Thabiso Kutumela obekwiMamelodi Sundowns FC, Tlakusani Mthethwa obekwiMoroka Swallows FC nabanye abadlali ukuqinisa isikwati sayo ngesizini entsha.

