Betway Premiership

UJunior Khanye akalizwa kahle ibhola elidlalwa uHunt

Lo mdlali owake wagijima kwiKaizer Chiefs FC, uJunior Khanye, uthi unenkinga yohlobo lwebhola elidlalwa uGavin Hunt weSuperSport United FC futhi kumele alishintshe.

Leli qembu elizinze ePitoli liqale isizini yalo ka-2024/25 ngenyanga edlule ngesikhathi lidlala ne-Orlando Pirates FC kuma-Quarterfinals e-MTN8 Cup. Le kilabhu ihlulwe ngo 3-1 e-Orlando Stadium kulowo mdlalo futhi yakhishwa kulo mqhudelwano.

Kuleli sonto baqale uhambo lwabo kwiBetway Premiership. Ivakashele omakhelwane bayo iMamelodi Sundowns FC izolo kusihlwa eLoftus Versfeld Stadium emdlalweni weTshwane Derby.

Ngeshwa iqembu likaGavin Hunt lihlulwe ngo 2-0 libhekene neMamelodi Sundowns FC izolo. Umqeqeshi uHunt ubengekho ebhentshini izolo njengoba ethole ikhadi elibomvu emdlalweni wabo ne-Orlando Pirates FC.

UJunior Khanye ongumhlaziyi we-iDiski TV akajabulanga ngendlela iSuperSport edlale ngayo izolo. Uveze ukuthi leli qembu linabadlali abanohlonze kodwa umqeqeshi uyehluleka ukubasebenzisa ngendlela okumele basetshenziswe ngayo.

“ISuperSport ibingazi [kulo mdlalo neSundowns], sidinga ukukhuluma iqiniso,” uKhanye etshela iDiski TV.

“Nginenkinga ngebhola elidlalwa uGavin. Ngiyazi ukuthi ngeke alishintshe, angithathi lutho kuGavin ungumqeqeshi osezingeni eliphezulu – kodwa awukwazi ukudlala ngale ndlela, kumele ube neqiniso mfowethu [Hunt] ungumqeqeshi waseNingizimu Afrika futhi unabadlali abanekhono.

“Uma uqeqesha iqembu elinekhono kumele ukhombise indlela esezingeni eliphezulu yokudlala. Ubengenalo icebo futhi lokhu engihlale ngikusho ukuthi uma uthembele kuma-‘set pieces’ kuba yibhola likanoma ngubani futhi namuhla [izolo] akawatholanga nhlobo,” kuphetha yena.

ISuperSport United isizobhekana nekilabhu yaKwaZulu-Natal iRoyal AM FC ngempelasonto eTUT Stadium, ePitoli. Ngakolunye uhlangothi iThwihli Thwahla idlale ngokulingana ngo 0-0 neCape Town City FC emdlalweni wabo wokuqala weBetway Premiership.