Ibhola

IPirates iqinisekisa ukuhamba kukaMarou

I-Orlando Pirates FC isimemezele ukuthi isihlukene nomgadli wayo oneminyaka engu-23 ubudala uSouaibou Marou.

UMarou ujoyine iBhakabhaka ngoJanuwari 2023. Lo mgadli waseCameroon ubeyingxenye yeqembu laseCameroon eNdebeni yoMhlaba yeFIFA ka-2022 eQatar.

UMarou udlale imidlalo eyisikhombisa kuphela kumaBhakabhaka kanti akazange ashaye ngisho nelilodwa igoli. ECameroon udlale imidlalo emithathu washaya igoli elilodwa.

Yize engazange ashaye amagoli ku-Orlando Pirates kodwa lo mdlali ukwazile ukunqoba izindebe ezintathu kumaBhakabhaka. Unqobe iNedbank Cup neMTN 8 ngonyaka odlule kwathi kulo nyaka usanda kunqoba iNedbank Cup.

UMarou ubengekho osukwini lomdlalo wamaBhakabhaka ngoMgqibelo kowamanqamu weNedbank Cup.

“I-Orlando Pirates Football Club ingakuqinisekisa ukuhamba komgadli uSouaibou Marou,” kusho isitatimende se-Orlando Pirates.

“Lo mdlali odabuka eCameroon, osijoyine ekuqaleni kwesizini ukhululekile ukujoyina iqembu alithandayo.

“Sithanda ukufisela uSouiabou konke okuhle emizamweni yakhe yesikhathi esizayo,” kuphetha isitatimende.