UMofokeng udalula imfihlo emenze wabulala iSundowns
I-Orlando Pirates FC ihlule iMamelodi Sundowns FC ngo 2-1 ngoMgqibelo kowamanqamu weNedbank Cup eMbombela Stadium.
UMofokeng akawuqalanga umdlalo kodwa ungene ngesiwombe sesibili ngemuva kwemizuzu engu-70.
Ukaputeni weMamelodi Sundowns uThemba Zwane ushaye igoli lokuqala emdlalweni ngomzuzu ka-54. AmaBhakabhaka awazange awehlise umdlalo njengoba eqhubeke nokulwa aze athola iphenathi ngomzuzu ka-70.
UMaswanganyi unqume ukuzishayela iphenathi washaya igoli lokulinganisa kwaba ngu 1-1. Ngokuza kukaDlamini noMofokeng emdlalweni emuva kokuthi uMaswanganyi eshaye iphenathi iBhakabhaka lidlale kahle kakhulu.
UMofokeng untshontshe umdlalo ngomzuzu ka-94 eshaya igoli elihle lokuwina. Ngemuva komdlalo udalule lokho umqeqeshi wakhe amtshele ukuthi akwenze ngaphambi kokumethula.
“Angizange nginake kakhulu ukuthi ngingumdlali omncane kunabo bonke enkundleni ngisanda kugxila ekubeni senkundleni nokuba nomqhudelwano,” etshela izintatheli.
“Umqeqeshi ungitshele ukuthi ngiqhamuke necebo futhi kumele ngenze konke okusemandleni ami futhi ngakwenza lokho.”
UMofokeng uphinde waphawula ngokungawuqali kwakhe umdlalo, kodwa wathi akanankinga nesinqumo somqeqeshi.
“Cha angizange ngiphoxeke,” ephawula.
“Ngenxa yokuthi bekuyisu, awukwazi ukuphambana nohlelo lomqeqeshi futhi kulokhu lusebenzile.”
UMofokeng oneminyaka engu-19 usenqobe izindebe ezintathu. Lo mdlali osemncane uwine iNedbank Cup neMTN 8 ngonyaka odlule wabe esephinda ewina iNedbank Cup nakulo nyaka.

