URiveiro uthi ujabule ngesikwati anaso
Umqeqeshi we-Orlando Pirates Football Club, uJosé Riveiro, usedalule ukuthi ujabule ngesikwati abanaso njengamanje kodwa mhlawumbe bangasayinisa abadlali abasha ngokuhamba kwesikhathi.
AmaBhakabhaka adlale kahle kakhulu kule sizini ngabadlali abanabo. Baqale isizini ka-2024/25 ngokuwina bebhekene neSuperSport United FC ekuqaleni kwenyanga edlule.
Baphinde benza kahle kakhulu kwiCAF Champions League. Badlale imidlalo emibili, bawina owodwa badlala ngokulingana kowodwa ngenyanga edlule.
Leli qembu selihlose ukunqoba iMTN8 Cup okwesithathu kulandelana ngaphansi komqeqeshi uJose Riveiro. Lo mqeqeshi unqobe izindebe ezinhlanu ngaphansi kwegama lakhe kumaBhakabhaka selokhu efike eNingizimu Afrika.
Ekhuluma esithangamini nabezindaba ngoMgqibelo ngemuva kokunqoba kwabo ngo 2-0 bedlala neCape Town City FC lo mqeqeshi uveze ukuthi ujabulile ngabadlali anabo njengamanje kodwa angangeza ubuso obusha.
“Ngicabanga ukuthi sineqembu elihle futhi ngihlale ngisho lokhu uma ungibuza lokho,” kusho uRiveiro esithangamini sabezindaba ngemuva komdlalo izolo ngesikhathi ebuzwa i-Ezemidlalo2002 ukuthi ujabule ngesikwati anaso njengamanje noma bazosayina abadlali abasha.
“Kodwa ngasikhathi sinye isibopho sekilabhu kanye nesibopho seqembu akukona ukuthi uhlale uphika emakethe.
“Kunzima ukunxenxa ithalente, kunzima ukwenza ngendlela iqembu elenza ngayo njengamanje ngabadlali elibayisa eqenjini kanye nenani lethalente elibaqashayo – benza umsebenzi oncomekayo,” kuphetha yena.
AmaBhakabhaka anethuba lokuvikela indebe yawo yeMTN8 kule sizini. Le kilabhu idlulele kowamanqamu walo mqhudelwano izolo ngemuva kokushaya iCape Town City FC.
Izobhekana neMamelodi Sundowns FC noma neStellenbosch FC kowamanqamu walo mqhudelwano. Ngesizini edlule idlale neMamelodi Sundowns FC kowamanqamu yanqoba ngo 3-1 sekukhahlelwa amaphenathi.

