Ibhola

Umqeqeshi weSundowns ukhuluma ngoku’laxaza’ uSirino

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns FC, uManqoba Mngqithi, uthi abadlali bakhe abasha bazofakaza ukuthi bekuyisinqumo esihle noma esibi seqembu ukuhlukana noGaston Sirino.

USirino, 33, ujoyine amaBrazilians ngesizini ka-2017/18. Udlale imidlalo eyisishiyagalolunye waba nama-‘assist’ amabili ngesizini yakhe yokuqala neMamelodi Sundowns FC. Ngesizini edlule bekuyisizini yakhe yokugcina namaBrazilians.

Akazange athole umdlalo omningi ngesizini edlule njengoba edlale imidlalo eyisishiyagalolunye kuphela engashayanga negoli elilodwa. IMamelodi Sundowns FC inqume ukuhlukana nalo mdlali ekupheleni kwesizini edlule. Ngesizini edlule unqobe iDStv Premiership ne-African Football League namaBrazilians.

Khonamanjalo, lo mdlali usejoyine iKaizer Chiefs FC kusukela eshiye iSundowns. Amakhosi anqume ukumnika ijezi unombolo 10 kanti le nombolo bekungekaKeagan Dolly ngesizini edlule oshiye kwiChiefs.

Ekhuluma kwiMarawa Sports Worldwide, uManqoba Mngqithi udalule ukuthi abadlali bakhe bazoveza ukuthi bekuwumqondo omuhle wokuhlukana noSirino noma cha.

“Iqiniso elikhona wukuthi usengumdlali osezingeni eliphezulu, oziphethe kahle, uziphethe kahle,” kusho uMngqithi.

“Kodwa kufanele futhi sivumele ukuthi kulandele ukulandelana. Ngicabanga ukuthi abadlali esibasayinisile bazofakazela ukuthi kube yisinqumo esifanele noma isinqumo esibi seqembu sokumdedela.”

UGaston Sirino angase abonakale okokuqala kuMakhosi ngenyanga ezayo. IKaizer Chiefs FC izobe idlala neMarumo Gallants FC koweBetway Premiership.

Amakhosi awekho kwiMTN8 Cup kule sizini. Le kilabhu ayizange iqede ku-top 8 yeDStv Premiership ngesizini edlule, iqede endaweni ka-10.