Ibhola

IPirates isihlukene nomdlali wayo wasesiswini

I-Orlando Pirates FC ihlukane nomunye wabadlali bayo abasebancane ngemuva kokuhlala isizini eyodwa kuleli qembu.

U-Azola Matrose, 21, ujoyine amaBhakabhaka ngesizini ka-2022/23 esuka kwiChippa United FC. IPirates inqume ukumbolekisa kwiChippa ngoba ubenza uGrade 12.

Leli qembu linqume ukubuyisa lo mdlali ngesizini edlule kanti uke walimala ngesikhathi limthatha kwiChippa United FC. Akazange adlale ngisho umdlalo owodwa kumaBhakabhaka ngesizini edlule ngenxa yokulimala kwakhe.

Lo mdlali osemncane uthole isikhathi somdlalo kwiDStv Diski Challenge kwi-Orlando Pirates FC ngesizini edlule. Uphinde wadlala noRelebohile Mofokeng kwiDDC yePirates ngesizini edlule.

Khonamanjalo, lo mdlali usehlukene namaBhakabhaka engadlalanga ngisho nowodwa umdlalo eqenjini lokuqala. Ngokubika kwe-SABC Sport lo mdlali osemncane uzojoyina iqembu lakhe lakudala iChippa United FC.

AmaBhakabhaka ahlukane nabadlali abafana noRichard Ofori, Siyabonga Mpontshane, Fortune Makaringe, Romeo Erasmus noMarou. UMatrose ungumdlali wesi-6 ukwehlukana namaBhakabhaka ngaphambi kwesizini ka-2024/25.