Izihlabani zakudala zeChiefs neSundowns zithole ikhaya elisha eqenjini elilodwa
Abadlali bakudala beKaizer Chiefs FC neMamelodi Sundowns FC bathole ikhaya elisha eqenjini elilodwa ngemuva kokushiya Amakhosi namaBrazilians.
IRichards Bay FC isebenza kanzima ukuqinisa isikwati sayo ngaphambi kwesizini ka-2024/25. Le kilabhu iphinde yamemezela uxhaso olusha iPhakwe Group. Isivumelwano soxhaso sibiza u-R100 million.
Khonamanjalo, baphinde bamemezela abadlali abasha abanamava ababajoyinayo. Bamemezele ukuthi basayinise uSiyethemba Sithebe oke wagijima kwiChiefs noThabiso Kutumela oke wagijima kwiSundowns.
UKutumela ubebolekiswe kwiCape Town City FC yiMamelodi Sundowns FC ngesizini edlule. Lo mdlali udlale imidlalo engu-26 yeligi wahlohla okungenani amagoli amathathu kwiCity ngesizini edlule.
Ngakolunye uhlangothi uSithebe ubekuMakhosi ngesizini edlule kodwa akazange asithole isikhathi esingaka somdlalo. Udlale imidlalo engaphansi kweyi-10 yeligi kuphela engazange ashaye ngisho igoli elilodwa.
Womabili iKaizer Chiefs FC neMamelodi Sundowns FC bahlukane nalaba badlali ababili ekupheleni kwesizini ka-2023/24. Laba badlali ababili bajwayele eKZN njengoba uSithebe ubegijima kuMaZulu FC kanti uKutumela ubekwiMaritzburg United FC phambilini.
Bobabili laba badlali bazoletha okuningi okuhle eqenjini njengoba benolwazi olunzulu ebholeni laseNingizimu Afrika. INatal Rich Boyz iphinde yamemezela ukuthi isisayinise abanye abadlali abane.
Basayinise uKeagan Allan obekwiSuperSport United FC noTlakusani Mthethwa obekwiMoroka Swallows FC. Abanye abadlali ababili nguSbani Mntungwa noFezile Gcaba ababegijima kwiKZN ABC Motsepe League kuMkhumbane Classic FC.

