Ibhola

Kwezinye izigaba phakathi nesizini, u-Saleng ubengekho ezingeni lakhe – Riveiro

Umqeqeshi we-Orlando Pirates FC, uJose Riveiro, useveze ukuthi kungani uMonnapule Saleng engadlalanga imidlalo eminingi kule sizini uma kuqhathaniswa nesizini edlule.

USaleng ube nesizini enhle ngesizini edlule kuBhakabhaka. Lo mdlali udlale imidlalo engu-22 ngesizini edlule, washaya amagoli angu-11 waphinde waba nabasizi abangu-8 ku-Orlando Pirates kuDStv Premiership.

Uwine izindebe ezimbili kumaBhakabhaka ngesizini edlule. Lo mdlali uwine iMTN 8 eshaya AmaZulu FC ngo 1-0 kanti lelo goli lashaywa nguyena. Uphinde wawina iNedbank Cup.

Kule sizini esanda kuphela u-Saleng udlale imidlalo engu-17 washaya amagoli amathathu kuphela. Kodwa ukwazile ukunqoba izindebe ezimbili futhi enqoba iMTN 8 neNedbank Cup.

Ekhuluma neRadio2000 umqeqeshi uJose Riveiro we-Orlando Pirates FC uphendule umbuzo wokuthi kungani uSaleng engadlalanga imidlalo eminingi kule sizini esanda kuphela.

“Kwezinye izigaba phakathi nesizini, u-Saleng ubengekho ezingeni lakhe futhi bekunabadlali abenza kangcono endaweni. Kodwa ngiyajabula ukuthi ubuye eqinile futhi wakwazi ukuletha izidingo lapho kudingeka,” – kusho uRiveiro.

USaleng ube nomdlalo omuhle bebhekene neMamelodi Sundowns kowamanqamu weNedbank Cup eMbombela Stadium ngoMgqibelo. Lo mdlali usize igoli likaMofokeng ngesikhathi benqoba iNedbank Cup.