Ibhola

Owayengumdlali wasemuva weChiefs usethole ikhaya elisha e-USA

Lo mdlali wasemuva owayegijima kwiKaizer Chiefs FC usejoyine ngokusemthethweni iqembu elisha kwiMajor League Soccer [MLS] e-USA.

Lo mdlali onamava waseZimbabwe uTeenage Hadebe, 28, ujoyine Amakhosi ngesizini ka-2017/18 wakwazi ukushaya igoli elilodwa kwiligi emidlalweni engu-13.

Ngesizini yakhe yokugcina eNaturena ngesizini ka-2018/19 lo mdlali usize iKaizer Chiefs FC yafinyelela kowamanqamu weNedbank Cup. Ngeshwa, bahlulwe ngo 1-0 kowamanqamu bebhekene neTS Galaxy FC kanti lo mdlali wenza iphenathi kulowo mdlalo edlalisa kabi uZakhele Lepasa.

Kamuva washiya Amakhosi wajoyina iYeni Malatyaspor yaseTurkey. Walishiya naleli qembu wajoyina iHouston Dynamo yase-USA adlale kuyo amasizini amathathu kusukela ngo-2021 kuya ku-2023.

Ngemuva kokuhlukana neHouston Dynamo lo mdlali ubuyele eTurkey lapho ebekwiKonyaspor ngesiwombe sesibili ngesizini ka-2023/24. Udlale imidlalo engu-12 kuyo yonke imiqhudelwano.

Khonamanjalo, lo mdlali usebuyele kwiMajor League Soccer e-USA. UHadebe ujoyine iFC Cincinnati ngokusemthethweni ngesizini ka-2025 kuphela kodwa unenketho yokuvuselela inkontileka yakhe ngesizini ka-2026.

Le kilabhu isendaweni yesibili kwi-MLS kule sizini futhi isalelwe yimidlalo emine ukuqeda isizini ka-2024. Iqembu eliqhwakele kwi-log yiqembu likaLionel Messi i-Inter Miami.