Owayengumdlali weSundowns ne-Ajax usejoyine iqembu elisha njengomqeqeshi
Owayengumdlali weMamelodi Sundowns FC kanye ne-Ajax Cape Town FC uFranklin Cale usejoyine iqembu elisha eKapa.
UCale oneminyaka engu-41 ubudala onamava waqala ukudlala kwiPSL kwi-Ajax Cape Town FC kusukela ngo-2004 kuya ku-2009. Wahlohla amagoli angu-16 emidlalweni engu-131 ayidlale kwi-Ajax Cape Town.
Ngo-2009 wajoyina iMamelodi Sundowns FC. Uhlale cishe iminyaka emine kumaBrazilians njengoba ejoyine ngo-2009 futhi walishiya ngo-2012. UCale uphinde wadlala kwiBafana Bafana ngo-2009 nango-2010.
Udlale imidlalo emihlanu kuphela kodwa ngebhadi akazange ashaye ngisho nelilodwa igoli kwiBafana Bafana.
Ubuyele kwi-Ajax Cape Town FC ngo-2013 waphinde walishiya ngemuva kweminyaka ecishe ibe mine. Ushiye iqembu wajoyina iHighlands Park FC ngo-2016.
UCale ugcine ukubonakala kwiPSL ngo-2018. Ubedlalela iqembu langakubo Ubuntu Cape Town FC kwiMotsepe Foundation Championship.
Khonamanjalo, i-Ezemidlalo2002 isithole ukuthi uCale usejoyine iqembu elisha eKapa njengoMsizi Womqeqeshi weqembu. Ujoyine iSeaside Spurs FC edlala kuSafa HollywoodBets Men’s Regional League eKapa.
Uzoza nezinto eziningi ezinhle kuleli qembu njengoba edlalele amaqembu amaningi kwiPSL ebusheni bakhe.

