Owayengumgadli we-Arrows udalula okumele kwenziwe ngamaqembu aseKZN ukuze enze kangcono kwiligi
Umgadli owake wagijima kwiLamontville Golden Arrows FC, uLindokuhle Bengu, uthi kumdumaze kakhulu ukubona wonke amaqembu aseKZN engaqedi kwi-top 8 ngesizini edlule kwiDStv Premiership.
UBengu ubeseqenjini leLamontville Golden Arrows FC elanqoba iMTN 8 Cup ngo-2009. NguManqoba Mngqithi owayeqeqesha ‘Abafana Bes’thende’ ngo-2009 ngesikhathi bedla umhlanganiso kulo mqhudelwano.
Ngesizini ka-2022/23 neka-2023/24 wonke amaqembu azinze KwaZulu-Natal awazange aqede kwi-top 8 kwathi iMaritzburg United FC yehliselwa kuMotsepe Foundation Championship.
Ngesizini edlule iRichards Bay nayo icishe yehlelwa yizembe. ILamontville Golden Arrows FC iqede endaweni yesishiyagalolunye kwathi AmaZulu FC wona aba kunombolo 11. IRoyal AM FC ibisendaweni engunombolo 13 kwathi iRichards Bay FC yalala kunombolo-15 kodwa yasinda.
Ekhuluma ne-Ezemidlalo2002, uBengu uthe isizathu esikhulu esenza amaqembu aseKZN ahluleke ukwenza kahle kwiDStv Premiership yingoba abasayinisi abadlali abancane baseKZN abalambele impumelelo.

“Kungiphoxile kakhulu ukubona wonke amaqembu ethu elwela ukudliwa yizembe ngesizini edlule, kodwa ngikholwa wukuthi azofika ngamandla ngesizini ezayo,” kusho uBengu.
“Ngicabanga ukuthi isizathu esikhulu esenza amaqembu ethu angenzi kahle kwiligi wukuthi la maqembu awasayinisi abadlali abasebancane baseKZN abalambele impumelelo nabasafuna ukuzuza izinto ebholeni.
“Ngicabanga ukuthi badinga ukusayinisa abadlali abasebancane baseKZN, abazimisele ngokulwela iqembu ngoba sinabo adlali abanekhono lapha eKZN kodwa ababanaki,” kuphetha uBengu.
Khonamanjalo, AmaZulu FC asayinise umgadli omusha waseKZN uSenzo Ndlovu. UNdlovu ubegijima kwiSinenkani FC egijima ku-Eastern Cape ABC Motsepe League kanti ushaye amagoli angaphezu kuka-20 ku-Eastern Cape ABC Motsepe League ngesizini edlule.
Ngakolunye uhlangothi iRichards Bay FC isayinise abadlali abasha baseKZN. Basayinise uSibani Khumalo noFezile Gcaba bobabili bebegijima kuMkhumbane Classic FC edlala kuKZN ABC Motsepe League.
ILamontville Golden Arrows FC isayinise umgadli omusha waseKZN uBongani Cele. UCele ukhulele kuBafana Bes’thende kodwa washiya kuleli qembu eminyakeni edlule waya kwiJDR Stars FC njengoba manje esebuyile ekhaya.

