Sithembisa ukunika abalandeli beSundowns konke okuhle – uRulani
UMQEQESHI weMamelodi Sundowns FC uRulani Mokwena ukhuluma ngomdlalo wabo wamanqamu weNedbank Cup ne-Orlando Pirates FC ohlelelwe umhlaka-01 Juni eMbombela Stadium.
IMamelodi Sundowns FC isivele iwine izindebe ezimbili kule sizini ngaphansi kukaRulani Mokwena. Banqobe i-African Football Leage neDStv Premiership.
Abafana Ba Style bahlulwe yiMTN 8 Cup neCAF Champions League. Ihlulwe yiMTN 8 Cup ishaywa yi-Orlando Pirates FC kowamanqamu ngonyaka odlule yaphinde yakhishwa kuma Semi-Final eCAF Champions League yi-Espérance Sportive de Tunis.
“Hhayi-ke, kusasele amasonto amathathu ukuthi sidlale, akunjalo? Sizolinda amasonto amathathu,” kusho uMokwena ngesikhathi ebuzwa yi-Ezemidlalo 2002.
“Kodwa, siyabathembisa ukuthi sizobanika (abalandeli beSundowns) konke okuhle kusukela manje kuze kuphele isizini. Sizolwa sisebenze kanzima sibafele. Futhi sizokwenza konke ukubajabulisa,” kusho uMokwena ephetha.
Lo mdlalo uhlelelwe umhlaka-1 kuNhlangulana (June) eMbombela Stadium. Abafana Ba Style bahlule iStellies ngo 2-1 kowandulela owamanqamu kwathi iBuccaneers yanqoba ngo 3-1 ibhekene neChilli Boyz yafinyelela kowamanqamu weNedbank Cup.
AmaBhakabhaka awine zombili iMTN 8 Cup neNedbank Cup ngesizini edlule kanti azobe enethemba lokwenza lokhu akwenza ngonyaka odlule uma esebhekene neMamelodi Sundowns ngenyanga ezayo.

