UCoetzee uthi abenzanga kahle ngaphansi komqeqeshi uRulani
Umdlali wasesiswini weMamelodi Sundowns FC, uRivaldo Coetzee, uthi abenzanga kahle kakhulu ngesizini edlule kanti kule sizini bafuna ukwenza kangcono kunangesizini edlule.
IMamelodi Sundowns FC inqobe izindebe ezimbili kuphela ngesizini edlule ngaphansi komqeqeshi uRulani Mokwena. Bawine iDStv Premiership ne-African Football League.
Bahlulwe izindebe ezine ngaphansi kukaRulani Mokwena. Leli qembu lihlulwe yiMTN8 neNedbank Cup lishaywa yi-Orlando Pirates FC kanye neCAF Champions League kanye neCarling Knockout Cup.
Leli qembu linqume ukuhlukana noRulani Mokwena ekupheleni kwesizini edlule. UMokwena usejoyine izinkunzi zaseMorocco iWydad Athletic Club njengomqeqeshi weqembu.
UCoetzee odlale imidlalo engu-15 yeligi ngesizini edlule kwiMamelodi Sundowns FC ukholwa wukuthi abenzanga kahle ngesizini edlule ngaphansi kukaRulani Mokwena kanti kule sizini bafuna ukwenza kahle ngaphansi kukaManqoba Mngqithi.
“Sisondele kancane ngesizini edlule, ngakho kule sizini sifuna ukuya esinyathelweni esingcono,” kusho uCoetzee etshela abezindaba kuleli sonto.
“Kodwa sibone amakilabhu ambalwa namhlanje ekuseni ngendlela adlala ngayo emidlalweni yobungani ngaphambi kwesizini.
“Babheka uhlelo lokushintsha ngebhola eliningi le-‘diagonal.’ Ngakho-ke, ngicabanga ukuthi sidinga ukunakekela ibhola futhi kusobala ukuthi sihlele ukuzivikela ekuphumuleni,” kuphetha yena.
IMamelodi Sundowns FC izoqala isizini ka-2024/25 ngaphansi komqeqeshi odabuka eMzimkhulu uManqoba Mngqithi kule mpelasonto. AmaBrazilians azokwamukela iPolokwane City FC ku-Quarterfinal yeMTN8 Cup.
I-Orlando Pirates FC neStellenbosch FC bafinyelele kowandulela owamanqamu walo mqhudelwano. Womabili la maqembu ahlule iSuperSport United FC neTS Galaxy FC.
Omunye umdlalo we-Quarterfinal uphakathi kweSekhukhune United FC neCape Town City FC. Lo mdlalo uhlelelwe ukuthi ube kusasa ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.

