Ibhola

URibeiro ukhuluma ngokuhlulwa kwabo kwiPirates

ULucas Ribeiro Costa odangele uphawula ngokuhlulwa kweMamelodi Sundowns kowamanqamu weNedbank Cup ibhekene ne-Orlando Pirates FC ngoMgqibelo eMbombela Stadium.

IMamelodi Sundowns ize kulo mdlalo ihlula iStellenbosch FC kowandulela owamanqamu. Ngakolunye uhlangothi AmaBhakabhaka awine ngo 3-1 ehlula iqembu lase-Eastern Cape iChippa United FC.

Kowamanqamu ngoMgqibelo iSundowns ithole iphenathi ngesiwombe sokuqala, ngebhadi uRibeiro wayigeja. Isiwombe sokuqala siphele ngo 0-0. ISundowns ishaye igoli layo lokuqala ngomzuzu ka-54.

Igoli leSundowns lishaywe nguThemba Zwane. URibeiro udlale kahle kakhulu kulelo goli likaZwane kodwa yena (uRibeiro) uthole ukulimala ngemuva kwalelo goli wakhishwa.

UMaswanganyi noMofokeng bashayele i-Orlando Pirates FC amagoli okunqobe ngawo kulo mdlalo. AmaBrazilians ahlulwe ngo 2-1 njengoba uMofokeng entshontshe umdlalo eshaya igoli ngomzuzu ka-94.

“Ngicabanga ukuthi kunezinto esingakalungeli ukuziqonda, kwesinye isikhathi kuba nzima ukuzamukela,” kusho uRibeiro.

“Ezinye izinto, ikakhulukazi emsebenzini wami ukuthi sidalelwe ukwenza amaphutha ngaso sonke isikhathi. Bengingathanda ukuhlala ensimini ngisize ozakwethu, ngiphatheke kabi ngokuphuma enkundleni. Ngingawushiya kanjani umkhakha? kodwa uNkulunkulu nguye olawulayo.

“Isizini iphela ngendlela edabukisayo, ngiphatheke kabi, kodwa ngakolunye uhlangothi sifunda okuthile okubalulekile, ukwazi ukuthi izinto azihlali ngendlela esifisa ngayo,” kuqhuba yena.

“Kodwa ukuze siguquke kumele sidlule ezimeni ezifana nalezi ngoba ngamaphutha siba ngompetha abakhulu!

“Ngibonga uNkulunkulu ngezindondo ezimbili, nginesiqiniseko sokuthi ngeyokuqala kweziningi. Manje ngizowujabulela umndeni wami, ngilulame ukubuya nginamandla kunakuqala.”