Ibhola

UHunt udalule ukuthi kungani besayine uVincent Pule

Umqeqeshi weSuperSport United FC, uGavin Hunt, usedalule ukuthi kungani benqume ukusayinisa uVincent Pule ngaphambi kwesizini ka-2024/25.

UPule ujoyine amaBhakabhaka ngo-2018 esayina esuka kwiBidvest Wits FC. Ngesizini yakhe yokuqala kumaBhakabhaka ngesizini ka-2018/19 lo mdlali udlale imidlalo engu-26 yeligi, washaya amagoli ayisishiyagalombili waba nama-‘assist’ amathathu.

Isizini yakhe yokugcina ibingeyinhle neze kumaBhakabhaka. U’Mashonisa’ akazange athole isikhathi esiningi somdlalo ngesizini edlule ngaphansi komqeqeshi uJose Riveiro njengoba edlale imidlalo eyisishiyagalolunye kuphela yeligi engazange ashaye ngisho igoli elilodwa.

AmaBhakabhaka anqume ukuhlukana nalo mdlali ekupheleni kwesizini edlule yize ebesalelwe wunyaka owodwa kumaBhakabhaka. Unqobe izindebe ezinhlanu ngesikhathi sakhe namaBhakabhaka.

Lo mdlali uwine indebe eyodwa yeMTN8 ngo-2020 ngaphansi komqeqeshi uJosef Zinnbauer obeqeqesha izinkunzi zaseMorocco iRaja Casablanca ngesizini edlule.

Ngaphansi komqeqeshi uJose Riveiro lo mdlali unqobe izindebe ezimbili zeMTN8 nezimbili zeNedbank Cup. Akazange adlale kowamanqamu kulezi zindebe ngesizini edlule nangesizini yokuqala kaJose Riveiro.

Khonamanjalo, lo mdlali usejoyine iSuperSport United FC manje njengoba eshiye i-Orlando Pirates FC. Umqeqeshi weSuperSport United, uGavin Hunt, udalule ukuthi kungani benqume ukusayinisa uPule.

“Uyaphila [uPule]. Odokotela bamhlole,” kusho uHunt.

“Kula masonto ekade elapha, uyagijima futhi uyadlala, ngakho-ke kufanele akwazi ukudlala. Kodwa empeleni imizuzu engu-90 akalungile, kodwa kuzofanele adlale imizuzu ethile.

“Silahlekelwe umdlali odlala kwesokunxele [uShandre Campbell]. Besidinga umdlali odlala kwesokunxele, kanti okwi-Academy usamncane kakhulu. UPule ubetholakala, ngakho-ke yisikhathi. Wenze kahle, ngakho ubukeka emuhle.”

UVincent Pule wake wadlala ngaphansi komqeqeshi uGavin Hunt kwiBidvest Wits FC ngaphambi kokudlulela kwi-Orlando Pirates FC ngo-2018. Okusho ukuthi lo mdlali ujwayele ukudlala ngendlela kaHunt.

U’Mashonisa’ kulindeleke ukuthi aqale umdlalo noma angene ngesiwombe sesibili kule mpelasonto. Lo mdlali neqembu lakhe iSuperSport United FC bazobhekana neqembu lakhe lakudala i-Orlando Pirates FC kuQuarterfinal yeMTN8 Cup e-Orlando Stadium, eSoweto.