Ibhola

IZimbabwe izokwamukela iLesotho namuhla ntambama e-Orlando Stadium

IZimbabwe izokwamukela omakhelwane bayo iLesotho namuhla e-Orlando Stadium emdlalweni wokuhlungela i-FIFA World Cup 2026 ngo-15:00.

La maqembu womabili anamaphuzu amabili iqembu ngalinye kanti asemsileni ku-log kaGroup C. ILesotho isendaweni yesihlanu kanti iZimbabwe yona isendaweni yesithupha ekugcineni.

Womabili la maqembu abengekho kuTotal Energies AFCON 2023 ngoJanuwari nonyaka e-Ivory Coast. ILesotho yehlulekile wukungena njengoba ihlulwe emidlalweni yokuhlunga.

Ngakolunye uhlangothi iZimbabwe ayizange iyidlale imidlalo yokuhlunga njengoba imisiwe. Womabili la maqembu aphethwe yiCOSAFA ayiqale kahle kakhulu imidlalo yokuhlungela iNdebe Yomhlaba ka-2026.

La maqembu adlale imidlalo emibili lilinye kanti adlale ngokulingana kuyo yomibili le midlalo. Ukunqoba kweqembu elilodwa kuzoba kuhle kakhulu futhi lingakwazi ukunyukela endaweni yokuqala ngoba lizoba namaphuzu amahlanu.

Lo mdlalo uzobe ubukhoma kuSABC Sport kanti uhlelelwe u-15:00 eSoweto e-Orlando Stadium. Kuleli qoqo kukhona iRwanda, iBenin, iNingizimu Afrika, iNigeria nawo womabili la maqembu iLesotho neZimbabwe.