Ibhola

Umdlali wasesiswini wePirates ukhuluma ngekusasa lakhe

Umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates, uThalente Mbatha, uphendule imibuzo ngekusasa lakhe njengomdlali wePirates.

UMbatha (24) ujoyine iBhakabhaka ngoJanuwari nonyaka. ISuperSport United FC imbolekise kuPirates kanti ngaphambi kokuthi ajoyine iSuperSport ubedlalela iHighlands Park FC.

UMbatha ejoyina i-Orlando Pirates kwammangaza njengoba ebedonsa kanzima ukuthola imidlalo kuMatsatsantsa. Udlale imidlalo engaphansi kwemihlanu kuphela kuMatsatsantsa ngesiwombe sokuqala sesizini kule sizini.

Manje usedlale imidlalo engaphezulu kwe-10 neBhakabhaka futhi wenza kahle neqembu. Ekhuluma nabezindaba kuleli sonto uMbatha uphendule imibuzo ngekusasa lakhe.

“Okwamanje, angazi ukuthi linjani [ikusasa lami]. Ngizozwa kuphela uma kuphela isizini. Ngingathanda ukuwina imiklomelo neqembu,” kusho uMbatha.

“Kimina, bekufana nokuzithuthukisa kuyo yonke imidlalo, ngakho bengidlala yonke imidlalo njengomdlalo wamanqamu wenkomishi, lapho kuzocacisa khona ikusasa lami neqembu nakho konke.

“Ngicabanga ukuthi wuhambo obelunokuncintisana futhi olunempilo, ngibonga abafana ngokugcina umqhudelwano uqhubeka.

“Uma ukuthathela phezulu ukuzilolonga kuzozikhandla emdlalweni, ngicabanga ukuthi kumele ngithuthuke ngifunde njengomdlali,” ephetha.

UMbatha kulindeleke ukuthi adlale umdlalo wakhe wokugcina namaBhakabhaka kule mpelasonto lapho ezobhekana khona neMamelodi Sundowns FC koweNedbank Cup.

Inkontileka yakhe nePirates izophela ekupheleni kwale sizini kodwa amaBhakabhaka anethuba lokumthenga unomphela.