Ibhola

Umqeqeshi wePolokwane City uthi akayesabi iSundowns

Umqeqeshi wePolokwane City FC, uPhuti Mohafe, udalule ukuthi akayesabi iMamelodi Sundowns FC futhi akesabi nokuyihlasela.

IRise and Shine ivakashele iBafana Ba Style ngeSonto kwiQuarterfinal yeMTN8 Cup eLucas Moripe Stadium.

ISundowns ibigcwele inkundla izama ukushaya amagoli kodwa iPolokwane City ibihlezi emuva iqinisekisa ukuthi iSundowns ayiwatholi amagoli amaningi kulo mdlalo. Ngenhlanhla bakwazile ukubavimba ukuze bangashayi amagoli amaningi.

Lo mdlalo uphele ngo 0-0 baze baya kwi-exra-time. ISundowns igcine ikwazile ukuthola igoli okungenani elilodwa njengoba uMatuludi eshaye i-Own Goal ngesiwombe sokuqala kwi-exra-time.

Umqeqeshi wePolokwane City FC, uPhuti Mohafe, uveze ngemuva komdlalo ukuthi kungani behlale emuva bebhekene neSundowns wakwazi ukubavimba ukuthi bangawashayi amagoli amaningi.

Leli qembu liphinde lakwazi ukuvimba iSundowns ngokushaya amagoli amaningi emdlalweni womzuliswano wesibili weDStv Premiership ngesizini edlule. Badlale ngokulingana ngo 0-0 mhla zingama-30 kuZibandlela (December) nyakenye.

“Ngicabanga ukuthi unephutha ngokuthi uthi ngingomunye wabaqeqeshi abesabayo ukuhlasela iSundowns,” kusho uMohafe etshela abezindaba esithangamini nabezindaba ngemuva komdlalo.

“Angibesabi kodwa akhona amaqhinga engiwasebenzisa kwiSundowns. Lawo maqhinga angitshela ukuthi iSundowns iyacotha emuva, ngakho uma ihamba kancane ngingayilandela kanjani uma ihamba kancane.

“Lawa amaqhinga engiwasebenzisa kwiSundowns. Ngakho-ke, iSundowns iyiqembu elishintshashintshayo. Angifuni ukuthi ingene kithi, angifuni ithole ngisho eyodwa iShort on Target,” waqhubeka.

“Ngakho-ke, hamba uyobheka ukuthi mangaki amaShorts on Target weSundowns kulo mdlalo bese uyabuya uzongitshela. Futhi hamba uyobheka awePolokwane City, bese sikhuluma futhi.

“Yebo sihlale emuva kodwa sihlale ngamabomu. Sihlale emuva ukuze siphume ngenguqu. Ngisho sebeshoda ngendoda eyodwa yilapho esithi khona ‘asiqedele lesi sigamu ngaphambi kokuthi siye engxenyeni elandelayo.’

“Ngakho sibonile ukuthi ngesiwombe sesibili sesikhathi esengeziwe siphume sonke.”

IPolokwane City isizokwamukela iqembu laseKZN AmaZulu FC koweBetway Premiership ngenyanga ezayo mhla zingama-14 kuSeptemba. Lo mdlalo uzobe useOld Peter Mokaba Stadium, ePolokwane.