Usethole elinye ithuba odlale ngethuba kwiPirates
Umgadli waseCameroon uSouaibou Marou usethole ikhaya elisha eMiddle East, njengoba ejoyine i-Al Shabab Club yaseBahrain ngemuva kokuphoxeka kwi-Orlando Pirates FC.
USouaibou Marou, 23, ujoyine i-Orlando Pirates ngesiwombe sesibili sesizini ka-2022/23. Lo mgadli ubeyingxenye yeqembu lesizwe laseCameroon elibambe iqhaza kwiNdebe Yomhlaba yeFIFA iQatar 2022.
Ngesizini yakhe yokuqala kumaBhakabhaka lo mdlali udlale imidlalo emihlanu kuphela yeligi. Akashayanga ngisho nelilodwa igoli kodwa ukwazile ukuwina indebe eyodwa.
Ngesizini edlule ngesizini yakhe yokugcina lo mdlali akazange asithole isikhathi esingaka somdlalo futhi ngaphansi komqeqeshi wabo uJosé Riveiro. Udlale imidlalo emibili yeligi kuphela engazange ashaye ngisho nelilodwa igoli.
Lo mdlali unqume ukuhlukana namaBhakabhaka ekupheleni kwesizini edlule njengoba engasitholanga isikhathi esiningi sokudlala neqembu.
Ukwazile ukunqoba izindebe ezintathu kwisikhathi asihlale kwiPirates. Lo mdlali uwine izindebe ezimbili zeNedbank Cup neyeMTN8 eyodwa kwi-Orlando Pirates FC ngaphansi kwegama lakhe.
Ukufudukela kukaMarou kwi-Al Shabab yaseBahrain kuza ngemuva kwezinyanga ezimbili enqamule inkontileka yakhe nezinkunzi zaseSoweto, nakuba kusasele unyaka esivumelwaneni sakhe.
Usayine inkontileka yonyaka neqembu lakhe elisha futhi unenye inketho yonyaka yokwelula inkontileka yakhe nale kilabhu. Lo mdlali uzoletha izinto eziningi ezinhle kuleli qembu ngesipiliyoni sokunqoba izindebe asithole kwiPirates.

