Ibhola

UNabi ubona ikusasa eliqhakazile kuMbuthu

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, uthi wenze isinqumo esifanele ngokungashintshi umdlali wabo osemncane uNkosana Mbuthu.

UMbuthu udlale okokuqala eqenjini lokuqala laMakhosi ntambama eToyota Stadium, eBloemfontein bebhekene neYoung Africans SC koweToyota Cup.

Lo mdlali osemncane ubedlala njengeLeft Back kwazise uDove ulimele kanti uHappy Mashiane ubengekho namuhla ngenxa yezinkinga zomndeni. Lo mdlali osemncane ubedlala eqenjini lesibili laMakhosi ngesizini edlule.

Kulo mdlalo wanamuhla bebhekene neYanga lo mdlali osemncane wenze iphutha okwenze iYoung Africans yashaya igoli lesibili ngomzuzu ka-45. Lelo goli lishaywe ngu-Aziz Ki.

UNabi ukholelwa ukuthi lo mdlali osemncane uyikusasa leKaizer Chiefs futhi wenze isinqumo esihle ngokuthi angamkhiphi njengoba enze iphutha.

“Sinikeze abadlali abasebancane ithuba. Sakha iqembu eliqinile,” kusho uNabi ngemuva komdlalo.

“Ngithathe isinqumo esifanele sokungashintshi uMbuthu, uyikusasa leqembu, uzokhula njengomdlali, bengingafuni ukumbulala.

“Kusekuningi okumele sikuhambe. Kulungile sihlulwe manje ukuze silungise amaphutha ethu. Abalandeli mababekezele sakha iqembu eliqinile.”

IYoung Africans SC iwine lo mdlalo ngo 4-0 kanti iyona engompetha beToyota Cup. Amakhosi azobuya eToyota Stadium ngenyanga ezayo azobhekana neMarumo Gallants FC koweBetway Premiership.