Ibhola

U-Itu uzokusiza futhi uzokunika amaphuzu amathathu eyedwa – uMphela

Ingwazi yeMamelodi Sundowns FC neBafana Bafana, uKatlego Mphela, iveze ukuthi unozinti wakhe ovelele kwiPremier Soccer League kusukela ngo-1996 kuze kube manje ngu-Itumeleng Khune.

Lo nozinti oneminyaka engu-37 ubudala wafika eNaturena ngo-1999 eneminyaka engu-12. Uqale ukudlala eqenjini lokuqala ngo-2004 eneminyaka engu-17 kuphela.

UKhune wazakhela igama ebholeni laseNingizimu Afrika ngesikhathi evimba amaphenathi ka-Esrom Nyandoro noPeter Ndlovu bebhekene neMamelodi Sundowns kowamanqamu weTelkom Knockout mhla lu-1 kuZibandlela wezi-2007.

Waziwa kakhulu futhi ngokuvimba iphenathi kaDavid Villa futhi ube ngomunye wabadlali abancane kwiBafana Bafana kwiNdebe Yomhlaba yeFIFA ngo-2010 eNingizimu Afrika. Wayeneminyaka engu-23 ngesikhathi seNdebe Yomhlaba yeFIFA ngo-2010.

Lo nozinti ubedlala nesilomo seMamelodi Sundowns FC neBafana Bafana uKatlego Mphela ngesikhathi seNdebe yoMhlaba ngo-2010.

Khonamanjalo, uMphela owake wadlala noKhune kwiKaizer Chiefs FC nakwiBafana Bafana udalule kwiJunior Khanye Khohlwa ukuthi konozinti abake badlala kwiPSL uyohlale eqoka u-Itumeleng Khune njengonozinti ovelele.

“Uyazi ngonozinti ngiyohlale ngimhambela u-Itu, ngidlale naye futhi ngibhekene naye,” kusho uMphela.

“Siyazi ukuthi muhle kwi’distribution’ kodwa uKhune engimaziyo muhle kakhulu. IChiefs kumasizini adlule iphutha layo kwaba ukumbeka ebhentshini lo mfana. Umdlalisa umdlalo owodwa bese umdlalo olandelayo ungamniki isikhathi.

“Kumele unikeze u-Itu isikhathi somdlalo. U-Itu uzokonga futhi uzokunika amaphuzu amathathu eyedwa. Bakhona abanye onozinti abahamba phambili kodwa mina ngizohlala ngimlwela u-Itu,” ephetha.

UKhune akakaze adlalele elinye iqembu kwiPSL ngaphandle kweKaizer Chiefs. Njengamanje lo mdlali akazilolongi naMakhosi kanti iqembu belingakasho ukuthi selihlukene naye noma cha.

Leli qembu selinonozinti abane manje kwazise uKhune akekho eqenjini. BanoBruce Bvuma, uBrandon Peterson, uBontle Molefe nonozinti omusha uFiacre Ntwari osayine esuka kwiTS Galaxy FC.

UKaizer Junior Motaung umemezele ngenyanga edlule ukuthi kukhona okukhethekile ngoKhune ngoba ubambe elikhulu iqhaza eqenjini. Uveze ukuthi bangamnika umsebenzi omusha eqenjini kodwa hhayi njengomdlali.