Inkakha yeSundowns ithi uSirino uzokwenza umsebenzi omuhle kwiChiefs
Isilomo seMamelodi Sundowns FC, uKatlego Mphela, sikholwa wukuthi uGaston Sirino uzokwenza umsebenzi omuhle eNaturena njengoba esejoyine Amakhosi.
USirino ufike eNingizimu Afrika ngo-2017 ephuma kwelakubo e-Uruguay. Udlale kwiMamelodi Sundowns FC kusukela ngo-2017 kwaze kwaba ngu-2024. Ngesizini edlule bekuyisizini yakhe yokugcina namaBrazilians.
Lo mdlali udlale imidlalo eyisishiyagalolunye kuphela ngesizini edlule ngaphansi komqeqeshi uRulani Mokwena wangashaya ngisho nelilodwa igoli.
Yize engawashayanga amagoli ngesizini edlule lo mdlali ukwazile ukunqoba izindebe ezimbili neSundowns. Uwine iDStv Premiership ne-African Football League ngokwahlukana.
Khonamanjalo, lo mdlali usejoyine Amakhosi ngokusemthethweni ngemuva kokushiya kwakhe kwiMamelodi Sundowns FC ekupheleni kwesizini edlule.
UKatlego Mphela owayengumgadli weMamelodi Sundowns FC ukholwa wukuthi uSirino uzokwenza kahle kakhulu kwiChiefs. UMphela uphinde wadlalela iKaizer Chiefs FC ngemuva kokushiya iMamelodi Sundowns FC.
“Ngiyethemba ukuthi uSirino uzokwenza kahle kwiChiefs ngoba ungumdlali osezingeni eliphezulu. Ungomunye wabadlali bangaphandle abafike kuleli nababambe iqhaza ebholeni laseNingizimu Afrika,” kusho uMphela etshela iSowetan Live.
“Ngiyethemba ukuthi uzoletha isipiliyoni asithole kwiSundowns kwiChiefs. Uyawunakekela umzimba wakhe futhi uyaliqonda ibhola. Ngimnika ithuba elingu-70% lokuthi aphumelele kwiChiefs.
“Ngu-50/50 ngoba abadlali abafana [noJose] Torrealba noJosta [Dladla] baye kwiChiefs benza kahle futhi bawina iSilverware ngoba yilokho abantu abakufunayo.”
USirino neqembu lakhe elisha bazoqala isizini ka-2024/25 ngenyanga ezayo kwiBetway Premiership. Bazovakashela iMarumo Gallants FC eToyota Stadium, eBloemfontein.
Lo mdlali angase abonakale okokuqala kuMakhosi ngenyanga ezayo uma engalimali. Amakhosi asayinise abanye abadlali abafana noFiacre Ntwari, Rushwin Dortley noBongani Sam.

