Ibhola

Sebeqalile ukulaxaza iChiefs abadlali

Njengoba kuyiwa kwisizini ka-2024/25 abanye abadlali sebeqalile ukuyishiya iKaizer Chiefs njengoba kulindeleke ukuthi izinkontileka zabo ziphele ekuqaleni kukaJulayi nonyaka.

UNjabulo Ngcobo ungumdlali wokuqala okubikwa ukuthi uyawashiya Amakhosi ngemuva kokuhlala iminyaka emithathu eNaturena. Lo mdlali ufike eNaturena ekuqaleni kwesizini ka-2021/22 ephuma kuMoroka Swallows FC.

Ngesizini ka-2020/21 lo mdlali uwine umklomelo wokuba ngumdlali wasemuva wesizini njengoba ebenesizini enhle kakhulu kwiZinyoni zaseDube. Kodwa izinto azihambanga njengoba bekulindelekile ngesikhathi ejoyina Amakhosi.

Lo mdlali akazange adlale imidlalo eminingi eNaturena njengoba abaqeqeshi bebebonakala bengakholelwa kuye. Ngesizini yakhe yokuqala udlale imidlalo yeligi engu-15 wakwazi ukushaya igoli okungenani elilodwa.

Ngesizini elandelayo udlale imidlalo engu-11 yeligi kanti ngesizini edlule udlale imidlalo engu-12 kuphela kuligi. Inkontileka yakhe kuMakhosi izophela mhla lulunye kuJulayi. Kunabadlali abaningi abaphelelwe yizinkontileka eNaturana.

Bonke abadlali abaphelelwe yizinkontileka bayalwe ukuthi baqhubeke nokulinda njengoba iChiefs isalinde umqeqeshi wabo omusha uNasreddine Nabi ukuthi anqume ukuthi uzobathatha abadlali noma cha.

Lo mdlali ngeke ayivuselele inkontileka yakhe kanti kulindeleke ukuthi ajoyine iSekhukhune United FC. UNjabulo Ngcobo uzobe edlala kuCAF Confederation Cup ngesizini ezayo njengoba iBabina Noko izobe idlala kulo mqhudelwano.