Ibhola

Umqeqeshi weThunderbirds uchaza ukuthi kungani iqembu lakhe lingenzi kahle okwamanje

Umqeqeshi weThunderbirds Ladies FC uThembalethu Apleni usedalule ukuthi kungani iqembu lakhe lingenzi kahle kuHollywoodBets Super League kuze kube manje kule sizini.

Le kilabhu ayiqalanga kahle kakhulu kuligi kule sizini kanti ihlezi emsileni ku-log yeHollywoodBets Super League. Ngesizini edlule baphinde bacishe behlelwa yizembe kuHollywoodBets Super League baya kuSasol Women’s League.

Ekhuluma ne-Ezemidlalo2002, uThembalethu Apleni ongumqeqeshi weqembu elizinze e-Eastern Cape iThunderbirds Ladies FC uveze ukuthi kungani iqembu lakhe lingenzi kahle kuze kube manje.

“Kodwa siyazi ukuthi kule sizini siqala kabusha iqembu,” kusho u-Apleni.

“Asisoli muntu (ngoba) labo abasebasha abakaze babe sebholeni eliqhudelanayo abanye. Abanye bebesemaqenjini eHollywoodBets Super League kodwa bebengabadlali abaqala ngaphandle.

“Ngakho, ukuqala kabusha iqembu ngenye yezinto ezinzima,” ephetha.

IThunderbirds Ladies FC iqede endaweni yesi-14 ngesizini edlule futhi yasinda ezembeni. Amakilabhu amabili agawulwe yizembe ngesizini edlule esuka eHollywoodBets Super League aya kuSasol Women’s League yiCoal City Wizards FC neMa-Indies Ladies FC.

Ngemuva kwemidlalo yeligi engu-13 edlalwe kule sizini, iThunderbirds Ladies FC inephuzu elilodwa vo. Bahlulwe imidlalo engu-12 badlala ngokulingana emdlalweni owodwa vo. Emdlalweni wabo wokugcina weligi ihlulwe ngo 5-0 ibhekene ne-UJ Ladies FC e-UJ Soweto Stadium.