UNomvethe uthi amaqembu aseKZN kumele aqine kule sizini
Ingwazi yaKwaZulu-Natal, uSiyabonga Nomvethe, ithi kubi ukungawaboni amaqembu azinze eKZN ku-top 8 yeDStv Premiership.
Isizini ka-2022/23 neka-2023/24 abengemahle neze emaqenjini aseKZN kwiDStv Premiership. Wonke la maqembu awazange aqede ku-top 8 kula masizini amabili.
I-KZN yagcina ukuba namaqembu ayo ku-top 8 ngesizini ka-2021/22. IRoyal AM FC iqede endaweni yesithathu kwathi AmaZulu FC alala endaweni yesikhombisa kwiDStv Premiership.
Ngeshwa amasizini alandelayo abengemahle neze emaqenjini azinze eKZN. Ngesizini ka-2022/23 wonke amaqembu awazange aqede ku-top 8 kwathi iMaritzburg United FC igawulwe yizembe yaya kwiMotsepe Foundation Championship.
Ngesizini edlule wonke amaqembu aseKZN awaphindanga aqeda ku-top 8. ILamontville Golden Arrows FC iqede endaweni yesishiyagalolunye kwathi AmaZulu FC aqhwakele kunombolo-11.
IRoyal AM FC ibikunombolo 13 kwathi iRichards Bay FC yalala endaweni ye-15. Ngenhlanhla, iNatal Rich Boyz ayizange igawulwe yizembe njengoba ikwazile ukunqoba iPSL Promotion Playoffs.
“Ngicabanga ukuthi kumele [amaqembu aseKZN] aqine kule sizini ngoba akulula futhi uma ungabheka amaqembu amaningi athenge abadlali abasha bese ekhipha abadala,” kusho uNomvethe ngesikhathi kwethulwa nokuqhathwa kwe-KZN Premier’s Cup ngolwesibili.
“Sizobona ukuthi ubani ofuna ngempela ukuhlala endaweni yesibili athathe indawo yokuqala noma angene ku-top 8. Uma ubheka amaqembu ethu akekho okwi-top 8 nokuyinto embi kimina.
“Okungenani besineqembu elilodwa ku-top 8 kodwa awukwazi ukukhononda ngoba alidlali lodwa futhi iligi inzima kakhulu emzuliswaneni wesibili, amaqembu amaningi alwela ukuya kwiCAF Confederation Cup neCAF Champions League,” ephetha.
Wonke amaqembu aseKZN adlala kwiDStv Premiership okuhlanganisa nalawo adlala kwiMotsepe Foundation Championship azobe ebambe iqhaza kwiKZN Premier’s Cup kule nyanga.
Le ndebe ihlelelwe uJulayi 27-28 ePrince Mangosuthu Stadium. Ompetha abavikela le nkomishi ngamaZulu FC ahlula iRichards Bay FC kowamanqamu nyakenye.

