UZwane udalula izinhloso zakhe ezinkulu ngesizini ezayo
Umdlali wasesiswini osemncane weKaizer Chiefs FC, uSamkelo Zwane, useveze izinhloso zakhe ezibalulekile ngaphambi kwesizini ka-2024/25.
UZwane, 22, udlale okokuqala kuMakhosi ngesizini ka-2022/23 ngaphansi komqeqeshi u-Arthur Zwane. Lo mdlali osemncane udlale imidlalo engu-12 kuMakhosi kuleyo sizini.
Ngesizini edlule akasitholanga isikhathi esingaka somdlalo ngaphansi komqeqeshi uMolefi Ntseki noCavin Johnson. UZwane udlale imidlalo eyisikhombisa kuphela yeligi ngesizini edlule.
Manje, lo mdlali osemncane useTurkey naMakhosi ohambweni lwangaphambi kwesizini. Lo mdlali osemncane uzozama ukujabulisa umqeqeshi wabo omusha uNasreddine Nabi ukuze aqinisekise indawo yakhe kuMakhosi.
Lo mqeqeshi umenyezelwe kule mpelasonto edlule njengomqeqeshi omusha waMakhosi. Phambilini ubeqeqesha izinkunzi zaseMorocco i-FAR Rabat waqeda endaweni yesibili kuligi.
Ekhuluma noMnyango Wezindaba weKaizer Chiefs FC, uSamkelo Zwane udalule izinhloso zakhe ezinkulu ngesizini ka-2024/25 wathi futhi uzozama ukunqoba umklomelo womdlali ovelele.
“Ngesikhathi ngingena kwi-academy bekunzima impela ngoba ngabona ukuthi liningi izinga le-academy ngakho ngabona ukuthi kuzomele ngilungise amasokisi ami,” usho kanje.
“Bengizimisele kakhulu futhi ngibonga umusa kaNkulunkulu ngifinyelele eqenjini lokuqala.
“Ekupheleni kuka-2024, ngizozama ukuthola umklomelo wePlayer of the Season. Okungiqhubayo wukuthi bengihlezi ngifuna ukuphumelela njengomuntu osemusha ukuze ngibe ngumdlali webhola ophumelelayo futhi ngizame ukufeza inhloso yami.”
IKaizer Chiefs FC izobe idlala nezinkunzi zaseTanzania, iYoung Africans FC, kowendulela isizini. Lo mdlalo uhlelelwe uJulayi 28 eToyota Stadium, eBloemfontein kanti kuzobe kudlalelwa iToyota Cup.

