IPirates ingase ihlukane nomunye umdlali wayo
I-Orlando Pirates FC ingase ihlukane nomunye wabadlali bayo ngaphambi kokuthi kuvalwe leli windi lokuhwebelana ngabadlali.
UZakhele Lepasa oneminyaka engu-27 ubudala udlale okokuqala kumaBhakabhaka ngesizini ka-2019/20.
Uzakhele igama kwiTS Galaxy FC lapho enqobe khona isicoco seNedbank Cup ehlula iKaizer Chiefs FC waphinde washaya igoli elihle emdlalweni wamanqamu bebhekene naMakhosi ngesizini ka-2018/19.
Kodwa lo mdlali akakawashayi amagoli amaningi kwiPirates selokhu aqala ukudlala ngo-2019. Ngesizini ka-2022/23 iqembu linqume ukumbolekisa kwiSuperSport United FC ngesiwombe sesibili sesizini kanti yamnikeza ijezi elingunombolo 10 iSuperSport.
Ngesizini edlule uLepasa udlale kahle kakhulu kwiMTN8 Cup kumaBhakabhaka. Udlale imidlalo emine washaya amagoli amane ngaphansi kwegama lakhe.
Uphinde waqokwa emkhakheni weLast Man Standing kwiMTN8 Cup nozakwabo uSipho Chaine noPatrick Maswanganyi. Ngeshwa akawutholanga lo mklomelo njengoba unqotshwe nguChaine.
Khonamanjalo, iSuperSport United FC ifuna ukusayinisa lo mdlali ngaphambi kokuthi kuvalwe iwindi njengokusho kwe-Idiski Times. Amatsatsantsa anoBradley Grobler ohlushwa wukulimala yingakho efuna ukusayinisa lo mdlali.
Phambilini uLepasa ubemataniswa neSimba SC kodwa isivumelwano sigcine singenzekanga. ISimba SC iqeqeshwa nguFadlu Davids owayengumqeqeshi wakhe kwiPirates.
AmaBhakabhaka ano-Evidence Makgopa noTshegofatso Mabasa njengabagadli bayo abahlale bedlala. ULepasa akazange adlale ngisho nowodwa umdlalo ohambweni lwabo lokulungiselela isizini ebiseSpain ngenyanga edlule, kodwa kwadlala uMabasa noMakgopa kuphela.
Uma lo mdlali engajoyina iSuperSport United FC uzofika nesipiliyoni esihle esizosiza iSuperSport United FC. Khumbula ukuthi uwine izindebe ezine kwiPirates.

