U-Ofori uthi ujabule ngokujoyina Usuthu
Lowo owayengunozinti we-Orlando Pirates FC, uRichard Ofori, useveze ukuthi ujabule ngokujoyina iqembu elizinze KwaZulu-Natal AmaZulu FC.
Lo nozinti oneminyaka engu-30 odabuka eGhana ubekumaBhakabhaka ngesizini edlule kanti leli qembu linqume ukuhlukana naye ngemuva kokuhlala amasizini amane kuleli qembu.
U-Ofori ukwazile ukunqoba izindebe ezinhlanu ngaphansi kwegama lakhe ngesikhathi ekwi-Orlando Pirates FC kumasizini amane edlule.
Ngesizini yakhe yokuqala udle isicoco seMTN8 lapho behlule khona iBloemfontein Celtic FC kowamanqamu kanti uSipho Chaine ubegijima kwiCeltic ngaleso sikhathi.
Uphinde wanqoba izindebe ezimbili zeMTN8 nezimbili zeNedbank Cup wayenza izindebe ezinhlanu nalesi asinqobe ngesizini yakhe yokuqala.
Ekhuluma noMnyango Wezindaba weqembu lakhe elisha AmaZulu FC u-Ofori uveze ukuthi ujabule ngokujoyina le kilabhu futhi ufuna ukufaka isandla kakhulu.
“Ngijabule ngokuba lapha eKZN futhi,” kusho u-Ofori.
“Kufana nekhaya njengoba iKwaZulu-Natal bekuyilapho ngaqala ukufika khona eNingizimu Afrika, silapha sizosebenza siqhubeke nohambo.
“Iqembu liyikilabhu enkulu, endala kunawo wonke ezweni, futhi ngilapha ukuze ngiqhubeke.”
U-Ofori ufike eNingizimu Afrika ngo-2017 ejoyina iMaritzburg United FC. IMaritzburg United FC isiyaziwa ngeDurban City FC njengoba izinze eThekwini ayisekho eMgungundlovu manje. Ushiye leli qembu ngo-2020 wajoyina amaBhakabhaka.
U-Ofori uphinde wancoma onozinti boSuthu uVeli Mothwa no-Olwethu Mzimela. Uveze ukuthi bahlose ukusebenza njengeqembu ukusiza AmaZulu FC afeze izinhloso zawo.
U-Ofori neqembu lakhe elisha bazovakashela iMarumo Gallants FC kule mpelasonto emdlalweni weBetway Premiership. Lo mdlalo uzoba seToyota Stadium, eBloemfontein.

