UModise ukhomba umdlali oyedwa ozogqama kwiSundowns
Lo mdlali owake wagijima ku-Orlando Pirates FC neMamelodi Sundowns FC, uTeko Modise, useveze umdlali oyedwa acabanga ukuthi uzogqama kowamanqamu weNedbank Cup kuMamelodi Sundowns.
IMamelodi Sundowns FC izobhekana ne-Orlando Pirates FC ngoMgqibelo eMbombela Stadium kowamanqamu weNedbank Cup. La maqembu womabili azobe ebhekene okwesibili emdlalweni wamanqamu kule sizini.
Ngonyaka odlule womabili la maqembu abedlala iMTN 8 Cup eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. AmaBhakabhaka ahlule iBafana Ba Style kumaphenathi kulowo mdlalo ukuze aqokwe njengompetha.
Womabili la maqembu aqede ku-top 2 kuDStv Premiership kule sizini. ISundowns inqobe iligi kwathi iPirates yalala endaweni yesibili.
UTeko Modise oke wadlala kuwona womabili la maqembu uveze umdlali oyedwa weSundowns acabanga ukuthi uzogqama kusasa.
“Ngicabanga ukuthi uKhuliso Mudau, uhlezi enomthelela endleleni iSundowns ewunqoba ngayo umdlalo ngenxa yokuthi useluleme ukuze akwazi ukuvikela, kuyinto encomekayo,” kusho uModise.
“Unzima kakhulu kumuntu oyedwa, futhi wengeza nezinombolo ukuya phambili. Ungena ezindaweni ezifanele. Sibone kuStellies ukuthi ukwazi ukushaya igoli. Ngicabanga ukuthi leyo ngenye yezindawo okumele ayithuthukise ngoba ufika khona.
“Ngicabanga ukuthi ungomunye osebenze kahle evikela iSundowns. Ngenxa yendlela iSundowns edlala ngayo, ungomunye wabadlali basemuva abasheshayo kwiSundowns. Ungumfana ozothile ebholeni futhi ngicabanga ukuthi uzosiza iSundowns ukuthi iwine umdlalo.”

