Ibhola

Amakhosi azovakashela i-Urban Warriors namuhla

Iqembu laseGauteng iKaizer Chiefs FC izobhekana neCape Town Spurs FC namuhla ntambama e-DHL Stadium eKapa emdlalweni weDStv Premiership.

Lo mdlalo kuzobe kuwumdlalo wokugcina weligi njengoba kuzophela namuhla iDStv Premiership. Wonke amaqembu eDStv Premiership azobe edlala imidlalo yawo yokugcina yeligi namuhla.

Amakhosi adinga iwini kulo mdlalo njengoba elwela ukuhlala endaweni yesishiyagalombili kuDStv Premiership. I-Urban Warriors isivele igawulwe yizembe kuDStv Premiership yayiswa kuMotsepe Foundation Championship.

Umdlali wasemuva weKaizer Chiefs, uThatayoane Ditlhokwe, uthi lo mdlalo ubaluleke kakhulu kubo futhi wonke umdlali uzimisele kakhulu ngokuthola imiphumela emihle.

“Wonke umdlali uzimisele ngokuthola umphumela esiwudingayo, ikakhulukazi abalandeli bethu, abebesilandela ngaso sonke isikhathi, noma singenzanga kahle,” kusho uDitlhokwe.

“Ngakho-ke, sifuna ngempela ukuqeda isizini kahle futhi sibanikeze into abangayilindele ngesizini ezayo.”

Lo mdlalo uzoqala ngo-15:00 ngqo. IKaizer Chiefs emdlalweni wayo wokugcina weligi idlale ngokulingana ngo 0-0 nePolokwane City FC eFNB Stadium, eSoweto.

Ngakolunye uhlangothi iCape Town Spurs FC iphinde yadlala ngokulingana neLamontville Golden Arrows FC ezinze eKZN. Lowo mdlalo uphele ngo 1-1, okukhombisa ukuthi iCape Town Spurs isaqinile yize isigawulwe yizembe.

Amakhosi asendaweni yesishiyagalombili ngamaphuzu angu-36 kanti i-Urban Warriors isemsileni ku-log yeDStv Premiership ngamaphuzu angu-20 kuphela.

IPhefeni Glamour Boys izoba noPule Mmodi namuhla ophuthelwe umdlalo wabo nePolokwane City FC ngesonto eledlule. UMmodi ubemisiwe njengoba ethole ikhadi eliphuzi lesine kule sizini bedlala naMaZulu FC eMoses Mabhida Stadium emasontweni amabili edlule.