Ibhola

IChiefs iya ekhefini ilandela emuva ngo 2-0

IKaizer Chiefs FC isiqale kabi isihombe sokuqala njengoba beya ekhefini behlulwa izinkunzi zaseTanzania, iYoung Africans SC ngo 2-0.

Womabili amaqembu aqale ngonyawo oluphezulu futhi athole amathuba amaningi ngaphambi kwemizuzu engu-20 kodwa awazange ashaye igoli.

Ngomzuzu ka-25 iYanga ithole i-free-kick benza umsebenzi oncomekayo nge-free-kick yabo. UPrince Dube ushaye igoli elihle ngomzuzu ka-25 Amakhosi enze iphutha emuva ngesikhathi kuyi-free kick.

Ngemuva kwalelo goli womabili amaqembu abedlala kahle kakhulu. Amakhosi awatholile amathuba kodwa aphinda ahluleka wukushaya amagoli.

UMfundo Vilakazi ucishe washaya igoli elihle ngaphandle kwebhokisi. Ishodi lakhe livinjwe wunozinti ukuze amphike igoli. Unompempe wengeze imizuzu emithathu ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini kanti bekusangu ngu 1-0 ngesikhathi engeza imizuzu emithathu.

Lo mdlali osemncane waMakhosi uMbuthu wenze iphutha emuva kwathi u-Aziz Ki wenyusa igoli eqenjini lakhe.

Womabili amaqembu aya kwiHalf-Time iYanga ihamba phambili ngamagoli ama-2 eqandeni. Bazodlala eminye imizuzu engu-45 ukucacisa owinile.