Ibhola

UKhuzwayo uthi akafuni ukukhuluma kakhulu ngoNabi ngoba usemusha ebholeni laseNingizimu Afrika

Lowo owayengunozinti weKaizer Chiefs FC, uBrilliant Khuzwayo, uthi akukho kuhle ukuthi iqembu elikhulu njengeKaizer Chiefs linganqobi izindebe cishe iminyaka engu-10 kodwa ake silinde sibone ukuthi uNasreddine Nabi uzokwenzani eNaturena.

Amakhosi sekuphele iminyaka ecela kweyishumi engawini okungenani indebe eyodwa. Bagcine ukunqoba indebe ngesizini ka-2014/15 ngaphansi komqeqeshi uStuart Baxter lapho bephinde badla khona iligi.

Selokhu uBaxter eshiye Amakhosi ngo-2015 leli qembu selidonsa kanzima iminyaka ecela kweyishumi. Sebeqashe abaqeqeshi abaningi kodwa akwenzekanga lutho ukubuyisa udumo eNaturena.

Abaqeqeshi abajoyine Amakhosi ngemuva kokushiya kukaStuart Baxter kubalwa uSteve Komphela, Giovanni Sollinas, Ernst Middendorp, Gavin Hunt, Stuart Baxter, Arthur Zwane, Molefi Ntseki noCavin Johnson.

NguMiddendorp kuphela okwazile ukuqeda okungenani endaweni yesibili kwiligi.

Khonamanjalo, Amakhosi asayinise owayengumqeqeshi we-AS FAR Rabat uNasreddine Nabi. UNabi wehlulwe iligi neThrone Cup ehlulwa wumqeqeshi wakudala we-Orlando Pirates uJosef Zinnbauer obeqeqesha iRaja Casablanca.

Ekhuluma ne-Ezemidlalo2002 uBrilliant Khuzwayo oke waba ngunozinti weChiefs uthe akukuhle okwenzeka eNaturena kodwa akafuni ukukhuluma kakhulu ngomqeqeshi wabo omusha ukuthi uzowina izindebe noma cha ngoba musha ebholeni laseNingizimu Afrika.

“Kusobala ukuthi akuyona into enhle esikhungweni esikhulu njengeKaizer Chiefs okwenzeka khona manje,” usho kanje.

“Khumbula ukuthi isizini ka-2014/15 bekungokokugcina benqoba indebe. Angicabangi ukuthi sikujabulele kakhulu ukuthi iChiefs igcine ukuwina indebe ngesizini ka-2014/15.

“Ake silinde sibone, yilokho engingakusho okwamanje. Ake silinde sibone ukuthi umqeqeshi uNabi uzofika enzeni eNaturena. Angifuni ukukhuluma okuningi okwamanje ngaye ngoba kusesekuseni futhi usemusha ebholeni laseNingizimu Afrika.”

Njengamanje Amakhosi aseTurkey amatasatasa nohambo lwawo lwangaphambi kwesizini. UNasreddine Nabi nguyena obambe izintambo eqenjini eTurkey kwazise usengumqeqeshi omusha.

Leli qembu lisayinise uFiacre Ntwari obegijima kwiTS Galaxy FC, Bongani Sam obekwi-Orlando Pirates FC noRushwin Dortley obekwi Cape Town Spurs FC.

Bahlukane noNjabulo Ngcobo, Sifiso Hlanti, Siyethemba Sithebe, Keagan Dolly noGonzales. Basazomemezela ngekusasa lika-Itumeleng Khune eqenjini.