Inkakha yeChiefs ithi baningi abazazisondeza kuNtwari njengoba ejoyine Amakhosi
Lowo owayengunozinti weKaizer Chiefs FC, uBrilliant Khuzwayo, uthi iChiefs ibidinga unozinti osezingeni eliphezulu futhi yenze umsebenzi omuhle ngokusayinisa uFiacre Ntwari kwiTS Galaxy FC.
Lo nozinti waseRwanda, 24, uNtwari ujoyine iTS Galaxy FC ekuqaleni kwesizini ka-2023/24 ephuma kwi-AS Kigali FC yaseRwanda.
Khonamanjalo, lo nozinti onekhono usejoyine Amakhosi kulandela isizini yakhe enhle neThe Rockets ngesizini edlule kwiDStv Premiership nakwiCarling Knockout Cup.
Udlale imidlalo yeligi engu-18, wangangenelwa amagoli emidlalweni eyisishiyagalombili kwiThe Rockets.
Usize iqembu lakhe lafinyelela kowamanqamu eCarling Knockout Cup, ngeshwa lahlulwa kowamanqamu libhekene neStellenbosch FC ezobe idlala kwiCAF Confederation Cup ngesizini ezayo okokuqala emlandweni wayo.
Engxoxweni ekhethekile ne-Ezemidlalo2002 uBrilliant Khuzwayo oke waba ngunozinti weChiefs uveze ukuthi iqembu lakhe lakudala lenze umsebenzi omuhle ngokusayinisa uFiacre Ntwari kanti njengengqalabutho yaMakhosi uyamamukela eqenjini.
“Bheka, kwakukhona uButhelezi osuka kwiTS Galaxy waya kwi-Orlando Pirates futhi ngicabanga ukuthi ungunozinti omuhle naye,” kusho uKhuzwayo.
“Ngicabanga ukuthi [iKaizer Chiefs] yenze umsebenzi omuhle kakhulu ngoba usubone amagoli amaningi engenelwa onozinti. Angisho ukuthi onozinti beChiefs bebebabi kakhulu kodwa ngicabanga ukuthi bebedinga ukusayiniswa okuhle nabo.
“Ngiyambongela [uNtwari] ngokujoyina iKaizer Chiefs. Njengengqalabutho yeKaizer Chiefs ngithi ngiyakwamukela kubafana abakhulu. Wonke umuntu ufisa ukudlalela iKaizer Chiefs, ababaningi abalitholayo ithuba lokudlala kwiChiefs – kumele amukele inselelo, amukele ingcindezi abe nguye yedwa.
“Abantu abaningi bayafisa ukudlalela iChiefs njengoba ngike ngasho kodwa bancane abafikayo, abathole ithuba lokudlala kwiChiefs abanye abazange bagqame futhi bangene esigabeni abacabanga ukuthi bakusona,” kuqhuba yena.
“Ngimfisela konke okuhle, wamukelekile kubafana abakhulu. Impilo yakhe izoshintsha manje njengoba edlala kwiChiefs, kubangani, umndeni wonke umuntu uzofuna ukuba eduze kwakhe. Konke kuyashintsha, ngakho kumele akujabulele lokhu futhi abonge uNkulunkulu ngaleli thuba.”
Lo mdlali ubekhona ngeSonto lapho behlulwe khona ngo 4-0 bebhekene neYoung Africans SC koweToyota Cup eToyota Stadium, eBloemfontein. Ngeshwa akazange awudlale umdlalo njengoba kunguBrandon Peterson oqale waqeda umdlalo.
Uzoletha izinto eziningi ezinhle eqenjini kwazise usize iThe Rockets yafinyelela kwi-top 8 yeDStv Premiership waphinde wafinyelela kowamanqamu weCarling Knockout Cup ngesizini edlule.
Uphinde wadlala kwiqembu lesizwe laseRwanda imidlalo emine kweyokuhlungela iNdebe Yomhlaba yeFIFA ka-2026 muva nje.

