UFigo uncoma umdlali weBafana Bafana
Ukaputeni weSekhukhune United FC, uLinda “Figo” Mntambo, ukholwa wukuthi owayenguzakwabo u-Elias Mokwana usezoba yinxusa lakuleli njengoba esedlala eTunisia.
UMokwana, 24, ujoyine iBabina Noko ngesizini ka-2022/23. Ngesizini edlule bekuyisizini yakhe yokugcina kule kilabhu kanti wenze umsebenzi omuhle kakhulu kwiSekhukhune United FC ngesizini edlule.
Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos naye uhlabeke umxhwele yilo mdlali ngesizini edlule njengoba embizile ukuthi azodlalela iBafana Bafana. Uphinde wenza kahle kakhulu kwiBafana Bafana washaya igoli elihle emdlalweni wakhe wokuqala e-Algeria.
Khonamanjalo, uMokwana usejoyine izinkunzi zaseTunisia i-Espérance ngaphambi kwesizini ka-2024/25. Womabili iKaizer Chiefs FC neMamelodi Sundowns FC nabo bebefuna ukusayinisa lo mdlali kodwa wanquma ukujoyina i-Espérance ngoba efuna ukuba kude naleli zwe.
Ekhuluma nabezindaba kuleli sonto ukaputeni weSekhukhune United FC uLinda Mntambo uphendule imibuzo ngo-Elias Mokwana. UMntambo umncomile lo mdlali osemncane.
“Isimo sebhola. Abadlali bangena bephuma. Abanye bayahamba ukuze bathole amathuba angcono, abanye bayahamba ngoba izinkontileka zabo ziphelile,” kusho uMntambo.
“Uma kukhulunywa ngo-Elias Mokwana, udlale kahle kakhulu kithina kumasizini adlule. Kodwa yini eyenza u-Elias abe umuntu adlala naye. Siyiqembu, futhi okubaluleke kakhulu, njengoba ngike ngasho esikhathini esidlule, bajwayele ukubheka umuntu ngamunye bese bekhohlwa ukuthi kukhona isikwati esigcwele.
“Kungcono sigxile kakhulu kwabayishumi nanye abaqala umdlalo noma abangu-20 abahamba neqembu. Abafana abasele bahle futhi bahlukile, futhi. Insimbi ilola insimbi ekuziqeqesheni. Sithuthukisana uma siziqeqesha kanzima siziphusha zonke izinsuku sizilolonga, sikwenza kube lula emdlalweni,” eqhubeka.
“Ngicabanga ukuthi u-Elias uthembekile ngokwanele; uyazi ukuthi kungenxa yozakwabo nabaqeqeshi ukuthi uzithole elapho ekhona eTunisia.
“Uzoba yinxusa lezwe, uma enze kahle uzovula iminyango khona,” kuphetha uFigo.
UMokwana uzobe edlala kwiCAF Champions League okokuqala kule sizini selokhu aqala ukudlala ibhola. Lo mdlali uzophinde adlale kwiFIFA Club World Cup ne-Espérance ngonyaka ozayo.

