Ibhola

Obegaqelwe yiSundowns usejoyine iqembu elisha

Umgadli weBafana Bafana uLars Veldwijk usejoyine iqembu elisha laseThailand iBG Phathum United ngemuva kokushiya iDeportivo Castellón yaseSpain.

Ngaphambi kokujoyina iCastellón ngoJanuwari lo mdlali ubengenayo ikilabhu ngemuva kokuhlala iminyaka emithathu kwiSuwon FC wahamba ngoSepthemba 2023.

IMamelodi Sundowns FC ibifuna ukusayinisa lo mdlali kodwa ngoJanuwari nonyaka hhayi manje. Uthathe isinqumo sokujoyina iDeportivo Castellón yaseSpain kanti manje useyishiyile le kilabhu.

Lo mdlali ubeseqenjini likaStuart Baxter kwi-Africa Cup of Nations ka-2019 e-Egypt futhi udlale umdlalo owodwa kuphela esuka ebhentshini. Usedlale imidlalo eyisikhombisa kwiBafana Bafana futhi akakashayi ngisho nelilodwa igoli.

UVeldwijk udalule ukuthi ujabulile ngokujoyina iBG Phathum United futhi akasakwazi nokulinda ukuthi aqale ukudlalela leli qembu.

“Ngijabule kakhulu ngokubuyela e-Asia,” esho.

“Ngijabule kakhulu ngokuthi ngisayine kuleli qembu elikhulu i-BG Phathum United. Angisakwazi nokulinda ukuze ngiqale lo mdlalo omusha. Asiqophe umlando.”