Owayengumdlali weChiefs angase abuye kuPSL
Lo mdlali owake wagijima kwiKaizer Chiefs FC angase abuyele kuPSL kuDStv Premiership kwelinye iqembu kodwa hhayi eGauteng.
UZuma uqale ukugijima kuDStv Premiership ngesizini ka-2014/15 egijima kwiBloemfontein Celtic FC. Lo mdlali uhlale iminyaka emithathu kwiSiwelele.
Ngemuva kwalokho ujoyine iKaizer Chiefs FC ngesizini ka-2017/18 ngaphansi komqeqeshi uSteve Komphela. Lo mdlali udlale amasizini amahlanu kuMakhosi. Ukwazile ukushayelela iChiefs amagoli okungenani ayishumi.
Ube eseshiya Amakhosi ngo-2022 ngemuva kwesizini ka-2021/22. IChiefs ayizange iyivuselele inkontileka yakhe yanquma ukuhlukana naye.
Kodwa uZuma ube nenhlanhla ngemuva kokushiya iChiefs njengoba AmaZulu FC enqume ukumsayinisa. Udlale isizini ka-2022/23 kuSuthu kuphela. Udlale imidlalo engu-19 yeligi washayela Usuthu igoli elilodwa vo.
Kodwa le kilabhu inqume ukuhlukana naye ekupheleni kwesizini ka-2022/23. Kamuva ujoyine iqembu elizinze eSoweto iMoroka Swallows FC ngesizini edlule lapho edlale khona isiwombe sokuqala sesizini kuphela.
Leli qembu linqume ukuhlukana naye ngoJanuwari nonyaka nabanye abadlali. kusukela ngoJanuwari lo mdlali akanalo iqembu.
Kodwa, ngokubika kweKickoff lo mdlali angase ajoyine iqembu elisanda kukhushulelwa kwiDStv Premiership iMagesi FC. Leli qembu liwine iMotsepe Foundation Championship isizini ka-2023/24.

