Ibhola

Ukhonjwa eTanzania oyintandokazi kubalandeli beziMnyama

Umgadli we-Orlando Pirates FC kanye neBafana Bafana uZakhele Lepasa ufunwa uthuli eTanzania ngaphambi kwesizini ka-2024/25.

UFadlu Davids owake wasebenza kwi-Orlando Pirates FC usekhombise intshisekelo yokusayinisa umgadli onamava kwiPirates uZakhele Lepasa ngokubika kwe-Ilanga Newspaper.

UDavids usebenze kwi-Orlando Pirates njengoMsizi Womqeqeshi kaJosef Zinnbauer futhi waphinda wasebenza ngokubambisana noMandla Ncikazi osakwiBhakabhaka.

Ngesizini edlule uDavids ubesebenza nezinkunzi zaseMorocco, iRaja Casablanca njengomsizi kamqeqeshi kuJosef Zinnbauer. Banqobe iligi kanye ne-Throne Cup bedlala ne-AS FAR Rabat eyayiqeqeshwa umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi.

Manje, uDavids useTanzania usebenza khona. Lo mqeqeshi usengumqeqeshi oyinhloko weSimba SC. Usebenza nabaqeqeshi baseNingizimu Afrika okuhlanganisa nowayengunozinti wePirates uWayne Sandilands njengomqeqeshi wonozinti.

Khonamanjalo, uZakhele Lepasa akasitholanga isikhathi esiningi somdlalo kumaBhakabhaka ngesizini edlule. Namanje ohambweni lwabo lwangaphambi kwesizini eSpain ubengumdlali obambele ongasetshenzisiwe kuyo yonke imidlalo yabo yobungani.

AmaBhakabhaka awine owodwa, adlala ngokulingana kemibili futhi ahlulwa umdlalo owodwa emidlalweni yawo yobungani yangaphambi kwesizini eSpain.

Umdlalo wabo wokugcina ubungoLwesihlanu lapho behlulwe khona ngo 3-2 kwathi uTshegofatso Mabasa washaya amagoli amabili kulowo mdlalo.