UMbatha wePirates ukhala ngo-Allende uthi ‘uyavilapha’
Umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates uThalente Mbatha uthi ubengabasabi bobabili uTeboho Mokoena noMarcelo Allende ngoMgqibelo.
UMbatha ubedlala noMokoena kuSuperSport United FC ngaphambi kokuthi uMokoena adlulele kuMamelodi Sundowns FC.
NgoMgqibelo uMbatha ubhekane nozakwabo wakudala bebambene phezulu. Kulowo mdlalo i-Orlando Pirates inqobe ngo 2-1 ukuze ibe ngompetha beNedbank Cup 2024 okwesibili kulandelana.
AmaBhakabhaka awine le nkomishi ngonyaka odlule ehlula iSekhukhune United FC ngo 2-1 nayo. UMbatha ube nomdlalo omuhle ngoMgqibelo waze wawina nomklomelo weMan of the Match.
Ubevelele phakathi nenkundla futhi udlale kangcono kunabo bobabili uMokoena no-Allende. Ekhuluma emsakazweni iRadio 2000 izolo ebusuku, uMbatha udalule imfihlo emenze wayinqoba impi ebhekene noMokoena no-Allende.
“Ngidlale noTebza kuSuperSport futhi kuzoba nzima kuyena ngoba siyazana,” kusho uMbatha.
“Kodwa ngiyazi ukuthi u-Allende ‘uyavilapha.’ Akacindezeli njengoba kufanele. Wenza sengathi uyacindezela kodwa angafiki. Ngakho, ngangazi ukuthi uma ngishayela ngebhola – ngeke balicindezele, futhi kuzovuleka isikhala.
“Iqhaza lami enkabeni yenkundla wukusebenza ngokuzikhandla. Mina ngingomncane, ngakho kumele ngibe nemilenze kunoMakhaula. Nginejubane elingaphezu kwakhe, ukuze ngikwazi ukumvala,” eqhuba.
“Kuba nzima ukusiphula ngoba sobabili sisebenza kanzima. Siphinde sibe nenkululeko yokushintshana ngokuya phambili noma ngokuhlala.”
Isizophela inkontileka yalo mdlali osemncane ku-Orlando Pirates kanti bekuwumdlalo wakhe wokugcina kule sizini ngoMgqibelo. Uveze ukuthi weneme kuPirates futhi udinga ukukhuluma ne-ejenti yakhe ukuze ayitshele (i-ejenti yakhe) ukuthi yini afuna ukuyizuza (uMbatha).
“Ukubolekwa kwami kuPirates kuSuperSport kuzophela manje. Kodwa ngijabule kuPirates ngoba ngiyakwazi ukunqoba izindebe ngiphinde ngidlale owamanqamu eNdebe.
“Kumele ngihlale phansi ne-agent yami ngiyitshele ngezinto engifuna ukuzizuza. Kakade sengiqalile ukufeza lezo zinto,” ephetha.

