Umqeqeshi weRich Boyz ujabule ngamaphuzu amathathu
Umqeqeshi weRichards Bay FC, uVusumzi Vilakazi, udalule ukuthi kumqoka ukuthatha amaphuzu amathathu ekhaya futhi bajabule kakhulu ngamaphuzu amathathu bebhekene naMaTuks.
INatal Rich Boyz iqale imidlalo yePSL Promotion Playoffs izolo ekhaya eKing Zwelithini Stadium. Ngenhlanhla leli qembu elizinze eKZN lihlule i-University of Pretoria FC ngo 1-0 kulo mdlalo.
IRichards Bay FC ithole ithuba ngomzuzu ka-22 yenza isiqiniseko sokuthi iyalishaya lelo thuba. USomila Ntsundwana ushaye igoli elihle kwathi igoli lakhe lasizwa nguYanela Mbuthuma ngekhanda.
Lo mdlalo uphele ngaleli goli kuphela. INatal Rich Boyz iyona ezihola phambili ku-log ngamaphuzu amathathu kanti AmaTuks anamaphuzu amathathu futhi asendaweni yesibili.
“Bekubalulekile kithina ukwenza isiqiniseko sokuthi okungenani sihlezi ngamaphuzu amathathu umuntu ngamunye ngoba ngicabanga ukuthi ukudlala ekhaya udinga lelo thuba lokudlalela ekhaya,” kusho uVilakazi.
“Sisazodlala nabo (ekuhambeni) ukuze ungazi umphumela. Kodwa, bekubaluleke kakhulu kithina ukuthi sinyathele igunya futhi sizame ukubusa namuhla.
“Yize singadlalanga ibhola elihle futhi angicabangi ukuthi ibhola elihle libalulekile njengamanje. Kodwa konke kumayelana namaphuzu amathathu futhi ngijabule kakhulu ngabadlali basemuva. Isimo ebesinaso bekunzima kakhulu ukubhekana nabagadli ababili abasezingeni eliphezulu futhi abanamandla kakhulu.
“Ngakho-ke, ngicabanga ukuthi senze kahle kakhulu ekuzameni ukwenza isiqiniseko sokuthi abawashayi amagoli futhi abawasebenzisi uma amathuba (efika).
“Ngicabanga ukuthi sibe namathuba ambalwa lapho bekufanele siwasebenzise kodwa bekungahlosiwe ukuba sibe njalo. Kodwa, sijabule ngo 1-0 [futhi] sijabule ngamaphuzu amathathu,” kuphetha uVilakazi.
Leli qembu selizovakashela iBaroka FC eBaroka Global Stadium eLebowakgomo ngalo Mgqibelo. Lo mdlalo uhlelelwe u-15:00 kanti uzokhonjiswa kuSABC Sport nakuSuperSport TV.

