UPule angase ayishiye iPirates
UVincent Pule angase ashiye i-Orlando Pirates FC yize esalelwe yinkontileka yonyaka namaBhakabhaka njengoba evuselele inkontileka yakhe ngeminyaka emibili ngonyaka odlule.
‘UMashonisa’ ufike kuBhakabhaka ngesizini ka-2018/19 ephuma kwiBidvest Wits FC. Lo mdlali usehlale iminyaka eyisithupha ku-Orlando Pirates FC.
Ngaphambi kwesizini ka-2023/24 u-‘Mashonisa’ usayine inkontileka entsha yeminyaka emibili nePirates ezophela ekupheleni kwesizini ka-2024/25. Lo mdlali udlale imidlalo eyisishiyagalolunye kuphela ngesizini edlule kanti akashayanga ngisho nelilodwa igoli.
Lo mdlali akazange abonakale emidlalweni eminingi kumaBhakabhaka ngesizini edlule ngenxa yokulimala nomqeqeshi akazange amsebenzise yize engalimele.
Ngokubika kwe-Idiski Times uPule angase ayishiye iPirates nakuba esenonyaka owodwa namaBhakabhaka. Lokhu kungenxa yokuthi akasitholi isikhathi somdlalo ngaphansi komqeqeshi uJose Riveiro kanti nokulimala kwakhe kuyamthinta.
UMashonisa ucele ukucaciselwa ngekusasa lakhe nokuthi uzodlala ngesizini ezayo noma cha. AmaBhakabhaka asehlukene nabadlali abayisithupha okungo; Mpontshane, Ofori, Makaringe, Monare, Marou & Erasmus.
UPule usenqobe izindebe ezinhlanu neBhakabhaka kusukela efike kulo ngo-2018. Lo mdlali uwine izindebe ezintathu zeMTN 8 nezimbili zeNedbank Cup ku-Orlando Pirates FC. Ngesizini yakhe yokuqala kuPirates ulahlekelwe yiTelkom Knockout Cup eshaywa yiBaroka FC kowamanqamu.

