Ibhola

URiveiro udalule ukuthi kungani abadlali bakhe abasha bengakadlali

Umqeqeshi we-Orlando Pirates FC, uJosé Riveiro, useveze ukuthi kungani abadlali babo abasha okubalwa noGilberto bengakadlali kule sizini.

AmaBhakabhaka asedlale imidlalo emibili kuze kube manje kule sizini. Baqale ngeQuarterfinal yeMTN8 Cup bebhekene neSuperSport United FC lapho benqobe khona ngo 3-1.

Bonke abadlali bakhe [uRiveiro] abasha abadlalanga kulowo mdlalo. Ngenhlanhla uMoleleki ubekhona esikwatini sosuku lomdlalo kodwa akazange alithole ithuba lokudlala.

NgeSonto eledlule i-Orlando Pirates FC idlale umdlalo wayo wesibili wesizini nezinkunzi zaseMadagascar iDisciples FC eMauritius. Lowo bekuwumdlalo wokuqala we-CAF Champions League ‘1st Preliminary Round’ futhi badlale ngokulingana ngo 0-0.

Babili kuphela abadlali abasha abebekhona kulowo mdlalo kodwa abazange balithole ithuba lokudlala. UMoleleki noRasebotja yibona abebekhona eqenjini losuku ngesonto eledlule kulowo mdlalo.

AmaBhakabhaka ameme abezindaba ngoLwesine ngaphambi komdlalo wabo weCAF Champions League ne-Disciples FC. URiveiro udalule ukuthi kungani abadlali bakhe abasha bengakalitholi ithuba lokudlala.

“Kusobala ukuthi kuhlale kunesizathu esisodwa esenza ngidlale abanye abadlali ngingababoni abanye. Abadlali angiboni njengabasha noma bengebona abasha, sizama nje ukuya emidlalweni sidlale ngendlela esingakwazi ngayo, ngezinsiza nabadlali esinabo,” kusho uRiveiro.

“Angicabangi… angiboni mehluko phakathi kwabadlali abasha noma abadlali ababelapha ngonyaka owodwa noma emibili edlule – sonke siyingxenye yeqembu elilodwa. Sinesikwati esikhulu impela. Abadlali, abangakwenza wukusebenza ngokuzikhandla, babe nesineke, balinde amathuba.

“Wonke umuntu eqenjini uyakwazi ukudlalela leli qembu futhi yebo – kumayelana nokubekezela, linda ithuba lakho lokudlala, noma ngabe umusha noma awumusha,” ephetha.

I-Orlando Pirates FC izovakashelwa yi-Disciples FC namuhla kusihlwa e-Orlando Stadium. Lona kuzobe kuwumdlalo womlenze wesibili njengoba bedlale ngokulingana ngo 0-0 ngeSonto.

Ozonqoba phakathi kwala maqembu womabili namuhla uzodlulela esigabeni esilandelayo.